Verse 1: Ngaleso sikhathi uHerode umtetrarki waluzwa udumo lukaJesu,
Verse 2: waze wathi ezincekwini zakhe: “Lo nguJohane uMbhapathizi; yena uvukile kwabafileyo; kungalokho lawa mandla asebenza kuye.”
Verse 3: Ngokuba uHerode wayembambile uJohane, wambopha, wamfaka etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo,
Verse 4: lokhu uJohane wayethe kuye: “Awuvunyelwe ube naye.”
Verse 5: Kuthe efuna ukumbulala, wesaba abantu, ngokuba bathi ungumprofethi.
Verse 6: Kepha ngosuku lokuzalwa kukaHerode indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamjabulisa uHerode,
Verse 7: kwenzeka ukuba ayithembise ngesifungo ukuyipha lokho engakucela.
Verse 8: Yona isifundisiwe ngunina yathi: “Ngiphe lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.”
Verse 9: Inkosi yadabuka, kepha ngenxa yezifungo zayo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni yayaleza ukuba inikwe,
Verse 10: yathuma yamnquma uJohane ikhanda etilongweni.
Verse 11: Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana; yaliyisa kunina.
Verse 12: Kwafika abafundi bakhe, bathabatha isidumbu, basimbela; baya bambikela uJesu.
Verse 13: Wathi uJesu esekuzwile lokho, wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa. Kepha izixuku zathi sezikuzwile, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini.
Verse 14: Waphuma, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.
Verse 15: Selishonile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; mukisa izixuku ukuba ziye emizaneni, zizithengele ukudla.”
Verse 16: Kepha uJesu wathi kubo: “Akuswelekile ukuba bamuke; bapheni nina ukudla.”
Verse 17: Bathi kuye: “Asinalutho lapha, kuphela izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili.”
Verse 18: Wayesethi: “Ziletheni lapha kimi.”
Verse 19: Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.
Verse 20: Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele.
Verse 21: Kepha abadlayo kwakungathi amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu ngaphandle kwabesifazane nabantwana.
Verse 22: Wayesecindezela masinyane abafundi ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya, aze amukise izixuku.
Verse 23: Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile, wayeyedwa lapho.
Verse 24: Kepha umkhumbi wawususukile amastadiyu amaningi emhlabathini, ushukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene nabo.
Verse 25: Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle.
Verse 26: Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba.
Verse 27: Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”
Verse 28: UPetru wayesephendula, wathi kuye: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.”
Verse 29: Wayesethi: “Woza.” Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu.
Verse 30: Kepha ebona umoya wesaba; eseqala ukushona wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!”
Verse 31: Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”
Verse 32: Sebekhwele emkhunjini, umoya wanqamuka.
Verse 33: Abasemkhunjini bakhuleka kuye, bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.”
Verse 34: Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha.
Verse 35: Athi ukumazi amadoda aleyo ndawo, athuma izigijimi kulo lonke izwe langakhona; baletha kuye bonke abagulayo.
Verse 36: Bamncenga ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe; bonke abawuthinta basindiswa.