Verse 1: suku uJesu waphuma endlini, wahlala phansi ngaselwandle.
Verse 2: Kwase kubuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala phansi, uquqaba lonke lumi ogwini.
Verse 3: Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.
Verse 4: Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda.
Verse 5: Kepha enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo.
Verse 6: Kodwa seliphumile ilanga, yahwamuka; nangokuba ingenampande, yabuna.
Verse 7: Kepha enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa.
Verse 8: Kepha enye yawela emhlabathini omuhle; yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu.
Verse 9: Onezindlebe makezwe.”
Verse 10: Kwase kufika abafundi bakhe, bathi kuye: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?”
Verse 11: Waphendula-ke, wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga.
Verse 12: Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kuvame; kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.
Verse 13: Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba noma bebona, kababoni, noma bezwa, kabezwa, kabaqondi.
Verse 14: Kugcwaliseka kubo isiprofetho sika-Isaya sokuthi: “ ‘Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda; ngokubona niyakubona, ningaze nabonisisa;
Verse 15: ngokuba inhliziyo yalesi sizwe isiyaba lukhuni, bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.’
Verse 16: “Kodwa abusisiwe amehlo enu, lokhu ebona, nezindlebe zenu, lokhu zizwa.
Verse 17: Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Baningi abaprofethi nabalungileyo ababefisa ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga.
Verse 18: “Yizwani-ke nina umfanekiso womhlwanyeli.
Verse 19: Yilowo nalowo olizwa izwi lombuso engaliqondi ufikelwa ngomubi ohlwitha okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Yilowo ohlwanyelwe ngasendleleni.
Verse 20: Ohlwanyelwe edwaleni nguye olizwa izwi, alamukele masinyane ngokuthokoza;
Verse 21: kepha kanampande phakathi kwakhe, kodwa uhlala isikhashana nje, kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane.
Verse 22: Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo.
Verse 23: Kepha ohlwanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwa izwi, aliqonde, athele impela isithelo, omunye aveze ngekhulu, omunye ngamashumi ayisithupha, omunye ngamashumi amathathu.”
Verse 24: Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;
Verse 25: kepha abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele, samuka.
Verse 26: Kwathi ukuba likhule ikhaba, kuthele isithelo, khona kwabonakala nokhula.
Verse 27: “Kwase kufika izisebenzi zomnumzane, zathi kuye: ‘Nkosi, awuhlwanyelanga imbewu enhle ensimini yakho na? Pho, ilutholephi ukhula na?’
Verse 28: “Wathi kuzo: ‘Lokhu kwenziwe ngumuntu oyisitha.’ “Izisebenzi zathi kuye: ‘Uthanda ukuba siye ukulubutha na?’
Verse 29: “Kodwa wathi: ‘Qha, funa nithi, nxa nibutha ukhula, nisiphule amabele kanye nalo.
Verse 30: Yekani kukhule kokubili ndawonye, kuze kuvunwe; ngesikhathi sokuvuna ngiyakuthi kwabavunayo: Buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuba lushiswe, nibuthele amabele engotsheni yami.’ ”
Verse 31: Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe;
Verse 32: yona kambe incinyane kunazo zonke izimbewu, kepha uma isikhulile, inkulu kunezilimo, iba ngumuthi, kuze kufike izinyoni zezulu, zakhele emagatsheni awo.”
Verse 33: Wabatshela omunye umfanekiso wathi: “Umbuso wezulu ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila konke.”
Verse 34: Konke lokho uJesu wakukhuluma ezixukwini ngemifanekiso; ngaphandle komfanekiso kakhulumanga lutho kubo,
Verse 35: ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: “Ngizakuvula umlomo wami ngemifanekiso, ngiphimisele okufihlakeleyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.”
Verse 36: Khona wazishiya izixuku, weza endlini. Basondela kuye abafundi bakhe, bathi: “Sichasisele umfanekiso wokhula ensimini.”
Verse 37: Wayesephendula, ethi kubo: “Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu;
Verse 38: insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi;
Verse 39: kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.
Verse 40: Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa, lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe.
Verse 41: INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi,
Verse 42: zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
Verse 43: Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe makezwe.
Verse 44: “Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu.
Verse 45: “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele amahle;
Verse 46: eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.
Verse 47: “Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle, lihlanganisa zonke izinhlobo;
Verse 48: lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla.
Verse 49: Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo,
Verse 50: zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
Verse 51: “Nikuqondile konke lokho na?” Bathi kuye: “Yebo.”
Verse 52: Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yilowo nalowo mbhali ofundiselwe umbuso wezulu ufana nomuntu, umnumzane, okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.”
Verse 53: Kwathi uJesu eseqedile leyo mifanekiso, wamuka lapho.
Verse 54: Esefikile emzini wakubo wabafundisa esinagogeni labo, baze bamangala, bathi: “Lo ukuthathaphi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na?
Verse 55: Lo akasiyo indodana yombazi na? Unina kathiwa uMariya, nabafowabo asithi oJakobe, noJosefa, noSimoni, noJuda na?
Verse 56: Nawodadewabo abakho yini bonke lapha kithi na? Pho, lo ukuthathaphi konke lokhu na?”
Verse 57: Bakhubeka ngaye. Kepha uJesu wathi kubo: “Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo nasendlini yakwabo.”
Verse 58: Akenzanga lapho imisebenzi eminingi yamandla ngenxa yokungakholwa kwabo.