Matthew - Chapter 28

Verse 1: Kepha ekupheleni kwesabatha ngovivi lolokuqala lweviki kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, beza ukuyobona iliba.

Verse 2: Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yahlala phezu kwalo.

Verse 3: Ukubonakala kwayo kwakunjengonyazi, nesambatho sayo sasimhlophe njengongqoqwane.

Verse 4: Kepha abalindi bathuthumela ngokuyesaba, baba njengabafileyo.

Verse 5: Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni;

Verse 6: kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; zanini nibone indawo lapho ebelele khona.

Verse 7: Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo; bhekani, uyanandulela ukuya eGalile, nizakumbona khona. Bhekani, nginitshelile.”

Verse 8: Base beshesha bamuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu, bagijima baya ukubikela abafundi bakhe.

Verse 9: Bheka, uJesu wabahlangabeza, wathi: “Sanibona.” Besondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye.

Verse 10: Khona uJesu wathi kubo: “Ningesabi; hambani, nibikele abafowethu ukuba bahambe baye eGalile; bayakungibona khona.”

Verse 11: Besahamba, bheka, abanye kubalindi bafika emzini, babikela abapristi abakhulu konke okwenzekileyo.

Verse 12: Sebebuthene namalunga benza icebo, banika amabutho imali eningi, 28:12 Math. 27:64.

Verse 13: bathi: “Shonini ukuthi abafundi bakhe beza ebusuku, bameba silele.

Verse 14: Uma kuzwakala lokho kumbusi, siyakuncengana naye thina, nina ningakhathazeki.”

Verse 15: Ayeseyithatha imali, enza njengokufundiswa kwawo. Leli zwi landa phakathi kwabaJuda kuze kube namuhla.

Verse 16: Kepha abafundi abayishumi nanye baya eGalile kuleyo ntaba uJesu ayebayalele yona;

Verse 17: sebembona bakhuleka kuye, kepha abanye bangabaza.

Verse 18: UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni;

Verse 19: ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele,

Verse 20: nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories