1 Corinthians - Chapter 1

Verse 1: UPawulu, obizelwe ngentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Kristu, noSostene umzalwane,

Verse 2: kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababiziweyo abangcwele, kanye nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu ezindaweni zonke, eyabo neyethu:

Verse 3: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

Verse 4: Ngibonga uNkulunkulu wami ngesikhathi sonke ngani ngenxa yomusa kaNkulunkulu eniwuphiweyo kuKristu Jesu

Verse 5: ukuthi ezintweni zonke nicetshisiwe kuye, ekukhulumeni konke nasekwazini konke,

Verse 6: njengalokho ubufakazi ngoKristu baqiniswa kini,

Verse 7: ukuze ningasilalelwa nasinye isiphiwo somusa, nisahlalele ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Kristu,

Verse 8: yena oyakuniqinisa nani kuze kube sekupheleni, ningabi nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu.

Verse 9: Uthembekile uNkulunkulu, okungaye nabizelwa ekuhlanganyeleni neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu.

Verse 10: Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.

Verse 11: Ngokuba ngitsheliwe ngani bazalwane bami ngabendlu kaKlowe ukuthi kukhona ukuphikisana phakathi kwenu.

Verse 12: Ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: “Mina ngingokaPawulu”; “Mina ngingoka-Apholo”; “Mina ngingokaKhefase”; “Mina ngingokaKristu”.

Verse 13: UKristu wahlukanisiwe yini? UPawulu wabethelwa esiphambanweni ngenxa yenu na? Nabhapathizwa egameni likaPawulu na?

Verse 14: Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngingabhapathizanga muntu kini, kuphela oKrispu noGayu,

Verse 15: funa kube khona othi nabhapathizwa egameni lami.

Verse 16: Kodwa ngabhapathiza nabendlu kaStefana; ngaphandle kwalokho angazi ukuba ngabhapathiza omunye.

Verse 17: Ngokuba uKristu kangithumanga ukuba ngibhapathize, kepha ukuba ngishumayele ivangeli, kungabi ngokuhlakanipha kwamazwi, funa isiphambano sikaKristu senziwe ize.

Verse 18: Ngokuba izwi lesiphambano kwababhubhayo lingubuwula, kepha kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu.

Verse 19: Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabaqondileyo ngikwenze ize.”

Verse 20: Siphi isazi na? Uphi umbhali na? Uphi umphikisi walesi sikhathi na? UNkulunkulu kakwenzanga kube yize ukuhlakanipha kwaleli zwe na?

Verse 21: Ngokuba njengalokho ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.

Verse 22: Ngokuba abaJuda babiza izibonakaliso, namaGreki afuna ukuhlakanipha,

Verse 23: kepha thina sishumayela uKristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda, ubuwula kubo abezizwe,

Verse 24: kepha kubo ababiziweyo, abaJuda namaGreki, sishumayela uKristu, amandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.

Verse 25: Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu buhlakaniphile kunabantu; nobuthakathaka bukaNkulunkulu bunamandla kunabantu.

Verse 26: Ngokuba bhekani ukubizwa kwenu bazalwane: kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, kababaningi abayizikhulu,

Verse 27: kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla;

Verse 28: nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona,

Verse 29: ukuze kungabikho nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.

Verse 30: Kepha ngaye nikuJesu Kristu owenzelwe thina ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu nokulunga kanye nokungcweliswa nokuhlengwa,

Verse 31: ukuze kuthi njengokulotshiweyo: “Ozibongayo akazibonge eNkosini.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories