1 Corinthians - Chapter 12

Verse 1: maqondana neziphiwo zokomoya angithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi.

Verse 2: Niyazi ukuthi nisengabezizwe naholekela kuzo izithombe eziyizimungulu, nakuba naholwa kanjalo.

Verse 3: Ngakho ngiyanazisa ukuthi: Akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Kathukwe uJesu;” futhi akukho muntu ongathi: “UJesu uyiNkosi,” kuphela ngaye uMoya oNgcwele.

Verse 4: Kepha kukhona iziphiwo zomusa ezahlukeneyo, kepha nguye lowo Moya.

Verse 5: Kukhona izinkonzo ezahlukeneyo, kepha yiyo leyo Nkosi.

Verse 6: Kukhona imisebenzi yamandla eyahlukeneyo, kepha nguye lowo Nkulunkulu osebenza konke kubo bonke.

Verse 7: Kepha yilowo nalowo uphiwa okubonakalisa uMoya kube ngokokusiza.

Verse 8: Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, kepha omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya,

Verse 9: omunye ukukholwa kuye lowo Moya, omunye iziphiwo zokuphulukisa kuye uMoya munye,

Verse 10: omunye ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuprofetha, omunye ukwahlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi.

Verse 11: Kepha konke lokho kusetshenzwa nguyena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokwakhe njengokuthanda kwakhe.

Verse 12: Ngokuba njengomzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zomzimba, nokuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo-ke noKristu.

Verse 13: Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.

Verse 14: Ngokuba umzimba awusiso isitho sinye kodwa eziningi.

Verse 15: Uma unyawo luthi: “Lokhu ngingesiso isandla, angisikho okomzimba,” nokho luyikho okomzimba.

Verse 16: Noma indlebe ithi: “Lokhu ngingesilo iso, angisikho okomzimba,” nokho iyikho okomzimba.

Verse 17: Uma umzimba wonke ubuyiso, ukuzwa ngabe kuphi na? Uma wonke ubungukuzwa, ukunuka ngabe kuphi na?

Verse 18: Kepha kalokhu uNkulunkulu umisile izitho zonke, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe.

Verse 19: Uma kambe zonke ziyisitho sinye, umzimba ngabe uphi na?

Verse 20: Kepha kalokhu izitho ziningi, kodwa umzimba munye.

Verse 21: Iso alinakusho esandleni ukuthi: “Angikudingi;” nekhanda futhi alinakusho ezinyaweni ukuthi: “Anginidingi.”

Verse 22: Kanti ngempela lezo zitho zomzimba ezingathi zibuthakathaka kunezinye ziyadingeka;

Verse 23: nalezo zitho zomzimba ezingathi zidelelekile kunezinye, yizona esizazisa kakhulu; nalezo esinamahloni ngazo zihlonipheka kakhulu.

Verse 24: Kanti lezo ezinesimo esihle azikudingi lokho. Kepha uNkulunkulu wawuhlanganisa umzimba, enika esidelelekileyo udumo olukhulu kakhulu,

Verse 25: ukuze kungabikho ukwahlukana emzimbeni, kepha izitho zonke zinakekelane ngokufanayo.

Verse 26: Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; uma kudunyiswa isitho sinye, kujabula izitho zonke kanye naso.

Verse 27: Kepha nina ningumzimba kaKristu nezitho ngabanye.

Verse 28: UNkulunkulu umisile abathile ebandleni, kuqala abaphostoli, okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yimisebenzi yamandla, bese kuba yiziphiwo zomusa zokuphulukisa, nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi.

Verse 29: Bonke bangabaphostoli na? Bonke bangabaprofethi na? Bonke bangabafundisi na? Bonke bangabenza imisebenzi yamandla na?

Verse 30: Bonke baneziphiwo zomusa zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na? Bonke bayahumusha na?

Verse 31: Kepha zondelelani iziphiwo ezinkulu. Kanti senginikhombisa indlela eyona iyinhle kakhulu.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories