1 Corinthians - Chapter 16

Verse 1: Maqondana nomnikelo obuthelwa abangcwele, njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani.

Verse 2: Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi yikhathi kwenziwa umnikelo.

Verse 3: Ekufikeni kwami labo enibakhethayo ngizakubathuma, bephethe izincwadi, ukuba bayise izipho zenu zothando eJerusalema;

Verse 4: uma kufanele ukuba nami ngihambe, bayakuhamba kanye nami.

Verse 5: Kepha ngiyakuza kini, nxa sengidabulile iMakedoniya; ngokuba ngiyakudabula iMakedoniya;

Verse 6: kepha ngingahle ngihlale isikhathi kini, noma ngidlulise nobusika, ukuze ningiqhube lapho ngisuka ngiya khona.

Verse 7: Ngokuba angizukunibona manje nxa ngidlula; ngokuba ngithemba ukuhlala kini isikhathi, uma iNkosi ivuma.

Verse 8: Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike iPhentekoste;

Verse 9: ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nabamelene nami baningi.

Verse 10: Kepha nxa kufika uThimothewu, anobheka ukuba ahlale kini engenalo uvalo, ngokuba usebenza umsebenzi weNkosi njengami;

Verse 11: ngakho makungabikho omdelelayo. Nize nimphelekezele endleleni ngokuthula ukuba eze kimi, ngokuba ngimbhekile kanye nabazalwane.

Verse 12: Maqondana nomzalwane u-Apholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini kanye nabazalwane; kepha kwakungesiyo intando yakhe neze ukuba eze manje; kodwa uyakuza nxa enethuba.

Verse 13: Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.

Verse 14: Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.

Verse 15: Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi ingulibo lwase-Akhaya nokuthi bazimisele ukukhonza abangcwele

Verse 16: ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bekhandleka.

Verse 17: Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana noFortunatu no-Akhayiku, ngokuba bakufezile obekusilele ngakini.

Verse 18: Ngokuba bawuhlumelele umoya wami nowenu; ngakho baziseni abanjalo.

Verse 19: Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. O-Akwila noPriska bakhonza kakhulu kini eNkosini, kanye nebandla elisendlini yabo.

Verse 20: Abazalwane bonke bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwanga okungcwele.

Verse 21: Nakhu ukukhonza kwami mina Pawulu ngesandla sami.

Verse 22: Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi!

Verse 23: Umusa weNkosi uJesu mawube nani.

Verse 24: Uthando lwami alube nani nonke kuKristu Jesu.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories