Verse 1: Maqondana nokuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinokwazi. Ukwazi kuyakhukhumeza, kepha uthando luyakha.
Verse 2: Uma umuntu ethi wazi utho, kakazi njengokuba kufanele ukuba azi;
Verse 3: kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.
Verse 4: Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.
Verse 5: Ngokuba noma kukhona okuthiwa onkulunkulu, nokuba kusezulwini nokuba kusemhlabeni, njengokuba bakhona onkulunkulu abaningi namakhosi amaningi,
Verse 6: nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena, nenkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye.
Verse 7: Kepha lokho kwazi akukho kubo bonke. Kodwa abanye, lokhu bejwayelene nezithombe kuze kube manje, bakudla njengokuhlatshelwe isithombe, nonembeza wabo obuthakathaka uyangcola.
Verse 8: Kepha ukudla akusisondezi kuNkulunkulu; ngokuba noma singadli, asilahlekelwa lutho; noma sidla, asizuzi lutho.
Verse 9: Qaphelani kodwa, funa leli lungelo lenu libe yisikhubekiso kwababuthakathaka.
Verse 10: Ngokuba uma umuntu ekubona wena onokwazi uhlezi ekudleni ethempelini lesithombe, unembeza walowo osebuthakathaka akayikududeka yini, aze adle okuhlatshelwe isithombe, na?
Verse 11: Khona obuthakathaka useyabhubha ngenxa yokwazi kwakho, engumzalwane amfelayo uKristu.
Verse 12: Kanjalo uma nona kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, niyona kuKristu.
Verse 13: Ngalokhu uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngadla nyama kuze kube phakade, ukuze ngingamkhubekisi umzalwane wami.