1 Corinthians - Chapter 3

Verse 1: Nami-ke, bazalwane, bengingenakukhuluma kini njengakwabomoya kepha njengakwabenyama, njengakwabayizingane kuKristu.

Verse 2: Nganiphuzisa ubisi, anganipha ukudla okuqinileyo, ngokuba beningakaqini. Yebo, nakalokhu anikaqini,

Verse 3: ngokuba niseyibo abenyama. Ngokuba uma kusekhona phakathi kwenu umhawu nokuphikisana, anisibo abenyama, anihambisi okwabantu na?

Verse 4: Ngokuba nxa omunye ethi: “Mina ngingokaPawulu,” omunye: “Mina ngingoka-Apholo,” anisibo abenyama na?

Verse 5: Pho, uyini u-Apholo? Uyini uPawulu na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kwaba yilowo nalowo njengokupha kweNkosi.

Verse 6: Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa.

Verse 7: Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo.

Verse 8: Otshalayo noniselayo bakunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomsebenzi wakhe.

Verse 9: Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu, nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.

Verse 10: Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengenyanga yokwakha ehlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha akube yilowo nalowo aqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.

Verse 11: Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu.

Verse 12: Kepha uma umuntu akha phezu kwaleso sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga,

Verse 13: umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokho.

Verse 14: Uma umsebenzi womuntu awakhileyo kuso umi, uyakwamukela umvuzo;

Verse 15: uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa yiwo; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube kungathi uphuma emlilweni.

Verse 16: Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na?

Verse 17: Uma umuntu echitha ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumchitha yena, ngokuba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele; niyilo-ke nina.

Verse 18: Makungabikho ozikhohlisayo; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.

Verse 19: Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo,”

Verse 20: nokuthi: “INkosi iyazazi izizindlo zabahlakaniphileyo ukuthi ziyize.”

Verse 21: Ngakho-ke akungabikho ozibongayo ngabantu, ngokuba konke kungokwenu,

Verse 22: noma uPawulu, noma u-Apholo, noma uKhefase, noma izwe, noma ukuphila, noma ukufa, noma okukhona, noma okuzakuba khona; konke kungokwenu;

Verse 23: nina-ke ningabakaKristu, uKristu ungokaNkulunkulu.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories