1 Corinthians - Chapter 4

Verse 1: Umuntu makasazi ukuthi siyizikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu.

Verse 2: Futhi-ke kufuneka kubaphathi ukuba umuntu afunyanwe ekholekile.

Verse 3: Kepha kimina kuyinto encane impela ukuba ngahlulelwe yinina noma ngokwahlulela kwabantu; yebo, nami angizahluleli.

Verse 4: Ngokuba angizinyezi ngalutho ngokwami, nokho angilungisisiwe ngalokho; kepha ongahlulelayo yiNkosi.

Verse 5: Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu.

Verse 6: Lokhu-ke, bazalwane, ngikuguqulele kimina naku-Apholo ngokulinganisa ngenxa yenu, ukuze nifunde kithi ukungeqisi kokulotshiweyo ukuba ningakhukhunyezwa, kungabi yilowo akhethe omunye kunomunye.

Verse 7: Ngokuba ngubani okhetha wena na? Unantoni ongayamukeliswanga na? Kepha uma uyamukelisiwe, uzibongelani kungathi awuyamukeliswanga na?

Verse 8: Senize nasutha, senize naceba, senabusa ngaphandle kwethu; yebo-ke sengathi ngabe niyabusa, ukuze nathi sibuse kanye nani.

Verse 9: Ngokuba ngithi kungathi uNkulunkulu usimisile thina baphostoli sibe ngabokugcina, sibe njengabanqunyelwe ukufa; ngokuba senziwe umbukwane wezwe nowezingelosi nowabantu.

Verse 10: Thina siyiziwula ngenxa kaKristu, kepha nina nihlakaniphile kuKristu; thina sibuthakathaka, kepha nina ninamandla; nina niyadunyiswa, kepha thina siyadunyazwa.

Verse 11: Kuze kube yisona lesi sikhathi silambile, somile, sihamba ze, siyamuhluzwa, siyimihambima,

Verse 12: siyakhandleka, sisebenza ngezandla zethu; sithi sithukwa, sibe sibusisa; sithi sizingelwa, sibe sibekezela;

Verse 13: sithi sihletshwa, sibe siphendula kahle; senziwe kungathi siyinsila yezwe, umphucuzo wezinto zonke kuze kube manje.

Verse 14: Angikulobi lokho ukuba nginithele amahloni, kodwa ukuba nginiluleke njengabantwana bami abathandekayo.

Verse 15: Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu, nokho oyihlo kababaningi, ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli.

Verse 16: Ngakho-ke ngiyanincenga ukuthi: Yibani abalingisi bami.

Verse 17: Ngalokho-ke ngithumele kini uThimothewu ongumntanami othandekayo nothembekayo eNkosini, oyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke.

Verse 18: Kepha abanye bakhukhumele ngokungathi angiyikuza kini;

Verse 19: kodwa ngizakuza kini masinyane, uma iNkosi ivuma, ukuze ngazi, angisho amazwi alaba abakhukhumeleyo kepha amandla abo.

Verse 20: Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awuyi ngezwi kepha ngamandla.

Verse 21: Pho, nifunani? Ngize kini ngiphethe induku, noma ngize nginothando nomoya omnene na?

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories