1 Corinthians - Chapter 10

Verse 1: Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula ulwandle;

Verse 2: bonke baphapathizwa kuMose efwini naselwandle;

Verse 3: bonke badla kudla kunye komoya;

Verse 4: bonke baphuza kuphuza kunye komoya; ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo. Idwala lelo lalinguKristu.

Verse 5: Kepha iningi labo uNkulunkulu wayengathokozi ngabo; ngokuba bashaywa phansi ehlane.

Verse 6: Kepha lokho kwaba yizibonelo kithi, size singafisi okubi, njengalokho bona babekufisa.

Verse 7: Futhi ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye kubo, njengokulotshiweyo ukuthi: “Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze, basukuma ukuba badlale.”

Verse 8: Futhi asingenzi ubufebe njengokuba abanye kubo benza ubufebe, bafa ngalusuku lunye abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu.

Verse 9: Futhi asingayilingi iNkosi njengabanye kubo bayilinga, babhujiswa yizinyoka.

Verse 10: Futhi ningakhononi njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbulali.

Verse 11: Kepha lezo zinto zabehlela bona kube yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.

Verse 12: Ngakho-ke osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.

Verse 13: Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.

Verse 14: Ngalokho-ke, bathandwa bami, kubalekeleni ukukhonza izithombe.

Verse 15: Ngikhuluma njengakwabahlakaniphileyo; qondani engikushoyo.

Verse 16: Isitsha sesibusiso esisibusisayo asiyiyo inhlanganyelo yegazi likaKristu na? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo inhlanganyelo yomzimba kaKristu na?

Verse 17: Ngokuba isinkwa sisinye, thina esibaningi singumzimba munye, lokhu thina sonke sihlanganyela leso sinkwa sinye.

Verse 18: Bhekani u-Israyeli ngokwenyama. Abadla imihlatshelo abasibo abahlanganyela ne-altare na?

Verse 19: Ngakho ngithini pho? Ngithi okuhlatshelwe isithombe kuyinto na? nokuthi isithombe siyinto na?

Verse 20: Kodwa ngithi: Lokho okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni, kabakuhlabeli uNkulunkulu. Kepha angithandi ukuba nibe nenhlanganyelo namademoni.

Verse 21: Ningesiphuze isitsha seNkosi kanye nesitsha samademoni; ningelihlanganyele itafula leNkosi kanye netafula lamademoni.

Verse 22: Kumbe siyayivusela iNkosi ulaka na? Kanti sinamandla kunayo na?

Verse 23: Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke.

Verse 24: Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.

Verse 25: Konke okuthengiswa esilaheni kudleni, ningahloli lutho ngenxa kanembeza,

Verse 26: ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo.

Verse 27: Uma omunye kwabangakholwayo enimema, nithanda ukuya, kudleni konke okubekwa phambi kwenu, ningabuzi lutho ngenxa kanembeza.

Verse 28: Kepha uma umuntu ethi kini: “Lokhu kuhlatshelwe izithombe,” ningakudli ngenxa yalowo okushiloyo nangenxa kanembeza,

Verse 29: kangisho owakho unembeza, ngisho owalowo omunye. Ngokuba yini ukuba inkululeko yami yahlulwe ngunembeza womunye na?

Verse 30: Uma ngidla ngokubonga, ngihlanjalazelwani ngalokho engikubongayo na?

Verse 31: Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.

Verse 32: Ningakhubekisi nabaJuda, namaGreki, nabandla likaNkulunkulu,

Verse 33: njengokuba nami ngithokozisa bonke ngakho konke, ngingafuni okungisiza mina kodwa okusiza abaningi, ukuze basindiswe.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories