Verse 1: Ukhona yini umuntu kini, uma enendaba nomunye, onesibindi sokumangala kwabangalungile, kungabi kwabangcwele, na?
Verse 2: Anazi yini ukuthi abangcwele bayakwahlulela izwe na? Kepha uma izwe lahlulelwa yinina, anifanele ukunquma namacala amancane na?
Verse 3: Anazi yini ukuthi siyakwahlulela izingelosi na? Kakhulu-ke okwalokhu kuphila.
Verse 4: Ngakho-ke uma ninamacala alokhu kuphila, niyababeka yini abangenasithunzi ebandleni babe ngabahluleli na?
Verse 5: Ngisho lokhu ukuba nibe namahloni. Kunjalo kanti: akukho namunye phakathi kwenu ohlakaniphileyo onganquma phakathi kwabazalwane bakhe na?
Verse 6: Kodwa umzalwane umangalela umzalwane, nalokhu akwenze phambi kwabangakholwayo na?
Verse 7: Nempela nakalokhu sekuyisici esikini ukuba nimangalelane. Yini ukuba ningavumi nakanye ukoniwa? Yini ukuba ningavumi nakanye ukuphangwa na?
Verse 8: Kepha nina uqobo niyona, niyaphanga; nikwenza lokhu nakubazalwane benu.
Verse 9: Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo,
Verse 10: namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
Verse 11: Babenjalo abanye kini, kepha senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.
Verse 12: Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusizi konke. Konke kuvunyelwe kimi, kepha mina anginakubuswa lutho.
Verse 13: Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla; kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili. Kepha umzimba asiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba;
Verse 14: kepha uNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe.
Verse 15: Anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKristu na? Pho, ngithathe izitho zikaKristu, ngizenze izitho zesifebe na? Qha nakanye.
Verse 16: Kepha anazi yini ukuthi ohlangana nesifebe ungumzimba munye naso na? Ngokuba uthi yena: “Labo ababili bayakuba nyamanye.”
Verse 17: Kepha ohlangene neNkosi ungumoya munye nayo.
Verse 18: Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.
Verse 19: Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?
Verse 20: Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.