Verse 1: Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.
Verse 2: Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.
Verse 3: Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.
Verse 4: Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi;
Verse 5: aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu;
Verse 6: aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso;
Verse 7: lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.
Verse 8: Uthando alusoze lwaphela; kepha nokuba kukhona ukuprofetha, kuyakukhawuka; nokuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi, kuyakukhawuka.
Verse 9: Ngokuba sazi inxenye, siprofetha inxenye.
Verse 10: Kepha nxa sekufikile okupheleleyo, lokho okuyinxenye kuyakukhawuka.
Verse 11: Lapho ngisengumntwana, ngakhulumisa okomntwana, ngaqondisa okomntwana, ngazindlisa okomntwana; kuthe sengiyindoda, ngayeka okobuntwana.
Verse 12: Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha lapho sobukana ubuso nobuso; manje ngazi inxenye, kepha lapho, ngiyakwazi ngokuphelele, njengokuba kade ngaziwa ngokuphelele.
Verse 13: Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.