Verse 1: Kuyezwakala ngempela ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu, futhi ubufebe bohlobo olungekho ngisho nakwabezizwe, okungukuthi omunye kini uya kumkayise.
Verse 2: Kepha nina nikhukhumele kunokuba nga nilila, ukuze akhishwe phakathi kwenu owenze leso senzo.
Verse 3: Ngokuba mina ngokwami, noma ngingekho ngomzimba, nokho ngikhona ngomoya, senginqumile ngokungathi ngikhona ngalowo muntu owenze okunjalo ukuba
Verse 4: egameni leNkosi uJesu nihlangane nina nomoya wami kanye namandla eNkosi yethu uJesu,
Verse 5: onjalo anikelwe kuSathane kukho ukubhubha kwenyama, ukuze umoya usindiswe ngosuku lweNkosi uJesu.
Verse 6: Akukuhle ukuzibonga kwenu. Anazi yini ukuthi imvubelo encane ibilisa inhlama yonke na?
Verse 7: Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba nelethu iphasika lihlatshiwe, elinguKristu.
Verse 8: Njalo-ke masigubhe umkhosi, kungabi ngemvubelo endala, kungabi ngemvubelo yokushinga neyobubi, kodwa kube ngesinkwa esingenamvubelo sobuqotho neseqiniso.
Verse 9: Nganilobela encwadini yami ukuba ningahlangani nezifebe;
Verse 10: angisho izifebe zalo mhlaba, nokuba abahahayo nabaphangi, nokuba abakhonza izithombe, ngokuba phela ngabe nimelwe ukuphuma ezweni;
Verse 11: kepha manje nganilobela ukuba ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo.
Verse 12: Ngokuba nginandabani nokwahlulela abangaphandle na? Nani anahluleli abangaphakathi na?
Verse 13: Kepha uNkulunkulu uyakwahlulela abangaphandle. Xoshani omubi phakathi kwenu.