Ephesians - Chapter 1

Verse 1: UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKristu Jesu:

Verse 2: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

Verse 3: Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya,

Verse 4: njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe;

Verse 5: wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,

Verse 6: ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo;

Verse 7: esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe

Verse 8: awuvamisa kithi ngakho konke ukuhlakanipha nokuqonda,

Verse 9: esazisa imfihlakalo yentando yakhe njengokuzibonela kwakhe azimisela khona ngaphambili,

Verse 10: kuze kube yihlelo lokuphelela kwezikhathi lokuba kuhlanganiselwe ndawonye kuKristu konke okusezulwini nokusemhlabeni;

Verse 11: kuyena esabelwa futhi ifa kuye, esakumiselwa ngaphambili ngokwesimiso salowo osebenza izinto zonke ngokunquma kwentando yakhe,

Verse 12: ukuze sibe ludumo lwenkazimulo yakhe, thina esethemba ngaphambili kuKristu;

Verse 13: kuye nani esenizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, enakholwa nguye futhi, nani nabekwa uphawu olunguMoya oNgcwele wesithembiso

Verse 14: oyisibambiso sefa lethu, kube ngukuhlengwa kokungokwakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yakhe.

Verse 15: Ngalokho nami, sengizwile ngokukholwa okukini eNkosini uJesu nothando kubo bonke abangcwele,

Verse 16: angiyeki ukubonga ngenxa yenu, nginikhumbula emikhulekweni yami,

Verse 17: ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena;

Verse 18: ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele,

Verse 19: nokungubukhulu obumangalisayo bamandla akhe kithina esikholwayo, ngokokusebenza kwamandla akhe amakhulu

Verse 20: asebenze ngawo kuKristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe ezulwini,

Verse 21: ngaphezu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama onke aphathwayo, kungekuleli zwe lodwa kepha nakulo elizayo;

Verse 22: wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla,

Verse 23: elona lingumzimba wakhe, ukugcwala kwakhe ogcwalisa konke kubo bonke.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories