Ephesians - Chapter 3

Verse 1: Ngenxa yalokho mina Pawulu ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu nina bezizwe —

Verse 2: uma ngabe senizwile ngohlelo lomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo ngenxa yenu

Verse 3: ukuthi ngaziswa imfihlakalo ngesambulo, njengalokho sengaloba ngokufushane —

Verse 4: okungakho, nxa nikufunda, ningaqonda ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKristu,

Verse 5: bengayaziswanga abantwana babantu ezizukulwaneni ezinye, njengalokhu isiyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaprofethi ngoMoya

Verse 6: ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi, nokuthi bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKristu Jesu ngevangeli;

Verse 7: engenziwa isikhonzi salo ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe ngokokusebenza kwamandla akhe.

Verse 8: Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo

Verse 9: nokubakhanyisela ukuthi luyini uhlelo lwemfihlakalo ebifihliwe kwaphakade kuNkulunkulu owadala izinto zonke,

Verse 10: ukuze imibuso nabanamandla emazulwini baziswe manje ngebandla ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,

Verse 11: ngokwecebo laphakade alenza ngoKristu Jesu iNkosi yethu;

Verse 12: okungaye sinesibindi ukungena ngokwethemba, ngokukholwa nguye.

Verse 13: Ngalokho ngiyacela ukuba ningadangali ngezinhlupheko zami ngenxa yenu, okuludumo lwenu.

Verse 14: Ngenxa yalokho ngiguqa ngamadolo ami kuYise,

Verse 15: eyethiwa ngaye imindeni yonke ezulwini nasemhlabeni,

Verse 16: ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi;

Verse 17: uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni,

Verse 18: nibe namandla okuqonda kanye nabangcwele bonke okungububanzi, nobude, nokuphakama, nokujula,

Verse 19: nokulwazi uthando lukaKristu oludlula ukwazi konke, ukuze nigcwaliswe kube ngukugcwala konke kukaNkulunkulu.

Verse 20: Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi,

Verse 21: makube kuye udumo ebandleni nakuKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories