Ephesians - Chapter 5

Verse 1: Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo,

Verse 2: nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.

Verse 3: Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele,

Verse 4: nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho makube ngukubonga.

Verse 5: Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.

Verse 6: Masingakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.

Verse 7: Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo.

Verse 8: Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,

Verse 9: ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni,

Verse 10: nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini,

Verse 11: ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule;

Verse 12: ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.

Verse 13: Kepha konke okudalulwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngokuba konke okubonakaliswayo kungukukhanya.

Verse 14: Ngalokho uthi: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.”

Verse 15: Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo,

Verse 16: nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.

Verse 17: Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.

Verse 18: Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,

Verse 19: niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu,

Verse 20: nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu,

Verse 21: nithobelane ngokumesaba uKristu.

Verse 22: Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi,

Verse 23: ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.

Verse 24: Kepha njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda ezintweni zonke.

Verse 25: Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo

Verse 26: ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi,

Verse 27: ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla, nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele lingenacala.

Verse 28: Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.

Verse 29: Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama, kepha uyayondla, ayiphathe kahle, njengalokhu noKristu enza kulo ibandla;

Verse 30: ngokuba singamalungu omzimba wakhe.

Verse 31: Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye.

Verse 32: Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.

Verse 33: Nani-ke, yilowo nalowo makathande umkakhe njengokuba ezithanda yena, kepha umfazi makahloniphe indoda yakhe.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories