Verse 1: mina siboshwa eNkosini ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,
Verse 2: ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando,
Verse 3: nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula;
Verse 4: munye umzimba, munye uMoya, njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu;
Verse 5: yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhapathizo;
Verse 6: munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, ophakathi kwabo bonke.
Verse 7: Kepha yilowo nalowo kithina uphiwe umusa ngokwesilinganiso sesipho sikaKristu.
Verse 8: Ngalokho uthi: “Esenyukele phezulu wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho.”
Verse 9: Kepha lokhu ukuthi wenyuka, kuthini, uma kungesikho ukuthi wake wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na?
Verse 10: Owehlayo nguyena owenyukela futhi ngaphezu kwamazulu onke, ukuze agcwalise konke.
Verse 11: Nguyena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaprofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi,
Verse 12: ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu,
Verse 13: size sifinyelele sonke ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu, ebudodeni obupheleleyo, esilinganisweni sobukhulu sokugcwala kukaKristu,
Verse 14: ukuze singabe sisaba yizingane, sishukunyiswa okwamaza, sipheshulwa yimimoya yonke yezifundiso ngenkohliso yabantu, ngobuqili obunamacebo okudukisayo;
Verse 15: kodwa sithi sikhuluma iqiniso ngothando, sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu,
Verse 16: okungaye umzimba wonke uhlanganisiwe, ubambene ngokwelekelelana kwamalungu onke awo njengokusebenza okulinganiselwe yilelo nalelo lungu, kukhuliswe umzimba, ube yisakhiwo othandweni.
Verse 17: Ngakho ngisho, ngifakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ebuzeni bengqondo yabo,
Verse 18: behlwelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo,
Verse 19: abathi bebuthuntu, bazinikela emanyaleni, ukuze basebenze ukungcola konke ngokuhuheka.
Verse 20: Kepha nina animfundanga uKristu kanjalo,
Verse 21: uma-ke nimzwile nafundiswa kuye, njengokuba iqiniso likuJesu,
Verse 22: ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yokuqala, owonakala ngezinkanuko zenkohliso,
Verse 23: nenziwe basha emoyeni wengqondo yenu,
Verse 24: nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.
Verse 25: Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye.
Verse 26: Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.
Verse 27: Ningamniki uSathane indawo.
Verse 28: Owebayo angabe eseba, kepha kunalokho akhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokokwabela osweleyo.
Verse 29: Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.
Verse 30: Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.
Verse 31: Konke okubabayo, nentukuthelo, nolaka, nomsindo, nokuhlambalaza makususwe kini kanye nakho konke okubi.
Verse 32: Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.