Verse 1: Kwathi ukuba uJesu aqede ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili, wamuka lapho ukuyofundisa nokushumayela emizini yabo.
Verse 2: Kwathi-ke uJohane esetilongweni, ezwile ngemisebenzi kaKristu, wathumela ngabafundi bakhe,
Verse 3: wathi kuye: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?”
Verse 4: UJesu waphendula, wathi kubo: “Hambani nimlandise uJohane lokhu enikuzwayo nenikubonayo ukuthi:
Verse 5: Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli;
Verse 6: ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.”
Verse 7: Kepha sebemuka laba, uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, wathi: “Naphuma naya ehlane ukuyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na?
Verse 8: Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe ezinothonotho na? Bhekani, abembethe ezinothonotho basezindlini zamakhosi.
Verse 9: Kodwa naphumelani na? Ukubona umprofethi na? Yebo, ngithi kini: Odlula umprofethi.
Verse 10: Nguye okulotshwe ngaye ukuthi: “ ‘Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho esiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho.’
Verse 11: “Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye.
Verse 12: Kepha kusukela emihleni kaJohane uMbhapathizi kuze kube manje umbuso wezulu uyafuzulwa, nabafuzulayo bayawuphanga.
Verse 13: Ngokuba abaprofethi bonke nomthetho baprofetha, kwaze kwafika uJohane.
Verse 14: Uma nivuma ukukwamukela, lo ungu-Eliya obezakufika.
Verse 15: Onezindlebe makezwe.
Verse 16: “Kepha lesi sizukulwane ngiyakusifanisa nani na? Sifana nabantwana abahlezi ezigcawini bememeza abanye bethi:
Verse 17: ‘Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga.’
Verse 18: “Ngokuba uJohane wafika engadli, engaphuzi; bathi: ‘Unedemoni.’
Verse 19: INdodana yomuntu yafika idla, iphuza; bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nowezoni.’ Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho.”
Verse 20: Wayeseqala ukujezisa imizi okwakwenziwe kuyo iningi lemisebenzi yakhe yamandla, ngokuba ingaphendukanga, wathi:
Verse 21: “Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka ngesaka nangomlotha.
Verse 22: Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ngosuku lokwahlulelwa kunakini.
Verse 23: Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe likhona nanamuhla.
Verse 24: Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo izwe laseSodoma ngosuku lokwahlulelwa kunakuwe.”
Verse 25: Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane;
Verse 26: yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.
Verse 27: “Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uYise; akakho futhi owazi uYise, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.
Verse 28: “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.
Verse 29: Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.
Verse 30: Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”