Verse 1: UJehova wathi kuMose: “Manje usuzakubona lokho engiyakukwenza kuFaro, ngokuba ngenxa yesandla esiqinileyo uyakubayeka ukuba bahambe, nangenxa yesandla esinamandla uyakubaxosha ezweni lakhe.”
Verse 2: UNkulunkulu wakhuluma kuMose, wathi kuye: “NginguJehova;
Verse 3: ngabonakala ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe njengoSomandla, kepha ngegama lami lokuthi uJehova ngangingaziwa kubo.
Verse 4: Futhi ngamisa isivumelwano sami nabo ukuyobanika izwe laseKhanani, izwe lokugogobala kwabo, lapho bebegogobala khona.
Verse 5: Yebo, futhi ngizwile ukububula kwabantwana bakwa-Israyeli abenziwe izigqila ngabaseGibithe; ngiyakhumbula isivumelwano sami.
Verse 6: “Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.
Verse 7: Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.
Verse 8: Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakunipha lona libe yifa; nginguJehova.’ ”
Verse 9: UMose wakhuluma-ke kanjalo kubo abantwana bakwa-Israyeli; kepha abamlalelanga uMose ngenxa yenhliziyo encane nemisebenzi esindayo.
Verse 10: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 11: “Ngena ukhulume kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba ivumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.”
Verse 12: UMose wakhuluma ebusweni bukaJehova, wathi: “Bheka, abantwana bakwa-Israyeli abangilalelanga; uFaro angangilalela kanjani, nginezindebe zomlomo ezingasokwanga, na?”
Verse 13: UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni ukuba bayale abakwa-Israyeli noFaro inkosi yaseGibithe ukukhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe.
Verse 14: Laba bayizinhloko zezindlu zawoyise: amadodana kaRubeni izibulo lika-Israyeli: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi; yile imindeni kaRubeni.
Verse 15: Amadodana kaSimeyoni: ngoJemuweli, noJamini, no-Ohade, noJakini, noSohari, noShawule indodana yowesifazane waseKhanani; yile imindeni kaSimeyoni.
Verse 16: Lawa angamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo: ngoGereshoni, noKohati, noMerari; iminyaka yokuhamba kukaLevi yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.
Verse 17: Amadodana kaGereshoni: ngoLibini noShimeyi ngemindeni yawo.
Verse 18: Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli; iminyaka yokuhamba kukaKohati yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nantathu.
Verse 19: Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi; yile imindeni yamaLevi ngezizukulwane zayo.
Verse 20: U-Amramu wazithathela uJokebedi udadewabo kayise, abe ngumkakhe; wamzalela o-Aroni noMose; iminyaka yokuhamba kuka-Amramu yayiyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.
Verse 21: Amadodana kaJisihari: ngoKora, noNefegi, noZikiri.
Verse 22: Amadodana ka-Uziyeli: ngoMishayeli, no-Elisafani, noSitri.
Verse 23: U-Aroni wazithathela u-Elisheba indodakazi ka-Aminadaba, udadewabo kaNaheshoni, abe ngumkakhe; wamzalela oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.
Verse 24: Amadodana kaKora: ngo-Asiri, no-Elkana, no-Abiyasafa; yile imindeni kaKora.
Verse 25: U-Eleyazare indodana ka-Aroni wazithathela enye yamadodakazi kaPhuthiyeli, ibe ngumkakhe; yamzalela uFinehasi. Yilezi izinhloko zawoyise bamaLevi ngemindeni yawo.
Verse 26: Yibo labo o-Aroni noMose uJehova athi kubo: “Khiphani ezweni laseGibithe abantwana bakwa-Israyeli ngamabandla abo.”
Verse 27: Yibo labo ababekhuluma kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba akhiphe abantwana bakwa-Israyeli eGibithe; yibo oMose no-Aroni.
Verse 28: Kwathi mhla uJehova ekhuluma kuMose ezweni laseGibithe,
Verse 29: uJehova washo kuMose, wathi: “NginguJehova; khuluma kuFaro inkosi yaseGibithe konke engikukhuluma kuwe.”
Verse 30: Wayesethi uMose ebusweni bukaJehova: “Bheka, ngingowezindebe zomlomo ezingasokiwe; uFaro angangilalela kanjani na?”