Verse 1: UJehova wayesekhuluma kuMose ethi:
Verse 2: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba bangithabathele umnikelo; kubo bonke abantu abanhliziyo zabo zivuma anothabatha umnikelo wami.
Verse 3: Yilo umnikelo eniyakuwuthabatha kubo: igolide, nesiliva, nethusi,
Verse 4: nokuluhlaza, nokububende, nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi,
Verse 5: nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi, nemithi yomtholo,
Verse 6: namafutha okukhanyisa, namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo,
Verse 7: namatshe amashohamu, namatshe okufakwa, awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba.
Verse 8: “Mabangenzele indlu engcwele ukuba ngihlale phakathi kwabo.
Verse 9: Njengakho konke engikutshengisa khona njengesifanekiso setabernakele nangesifanekiso sempahla yonke yalo, anoyenza njalo-ke.
Verse 10: “Bayakuwenza umphongolo ngomuthi womtholo, ubude bawo bube yizingalo ezimbili nenxenye, ububanzi bawo bube yingalo nenxenye, nokuphakama kwawo kube yingalo nenxenye.
Verse 11: Uyakuwunameka ngegolide elicwengekileyo, uwunameke ngaphakathi nangaphandle, uwenzele udini lwegolide nxazonke.
Verse 12: Uwukhandele amasongo amane egolide, uwafake ezinyaweni zozine zawo, amasongo amabili abe kolunye uhlangothi lwawo, amasongo amabili abe kolunye uhlangothi lwawo.
Verse 13: Uyakuzenza izinti ngomuthi womtholo, uzinameke ngegolide.
Verse 14: Wozifaka izinti emasongweni asezinhlangothini zomphongolo ukuba uthwalwe ngazo.
Verse 15: Izinti ziyakuhlala emasongweni omphongolo; aziyikususwa kuwo.
Verse 16: Uyakufaka emphongolweni ubufakazi engikunika bona.
Verse 17: “Uyakwenza isihlalo somusa ngegolide elicwengekileyo, ubude baso bube yizingalo ezimbili nenxenye, ububanzi baso bube yingalo nenxenye.
Verse 18: Uyakwenza amakherubi amabili ngegolide, uwenze ngomsebenzi okhandiweyo ekugcineni kwesihlalo somusa nxazombili,
Verse 19: ulenze elinye ikherubi ekugcineni ngalapha nelinye ikherubi ekugcineni ngalapha, nenze amakherubi ekugcineni nxazombili, abe kunye nesihlalo somusa.
Verse 20: Amakherubi ayakwelula amaphiko awo ngaphezulu, amboze isihlalo somusa ngamaphiko awo, abhekane ngobuso; ubuso bamakherubi buyakubheka isihlalo somusa.
Verse 21: Uyakusibeka isihlalo somusa phezu komphongolo, ufake emphongolweni ubufakazi engiyakukunika bona.
Verse 22: Ngiyakuhlangana nawe khona, ngikhulume nawe, ngiphezu kwesihlalo somusa emkhathini wamakherubi amabili aphezu komphongolo wobufakazi, ngakho konke engiyakukuyala ngakho ukuba ubatshele abantwana bakwa-Israyeli.
Verse 23: “Uyakulenza itafula ngomuthi womtholo, ubude balo bube yizingalo ezimbili, ububanzi balo bube yingalo, nokuphakama kwalo kube yingalo nenxenye.
Verse 24: Wolinameka ngegolide elicwengekileyo, ulenzele udini ngegolide nxazonke,
Verse 25: ulenzele usiko olulingene nesandla ngobubanzi nxazonke, ulwenzele usiko udini lwegolide nxazonke.
Verse 26: Ulenzele amasongo amane ngegolide, uwafake amasongo emagumbini omane asezinyaweni zalo zozine.
Verse 27: Amasongo ayakuba ngasodinini, abe yizindawo zezinti zokuthwala itafula.
Verse 28: Wozenza izinti ngomuthi womtholo, uzinameke ngegolide, ukuba itafula lithwalwe ngazo,
Verse 29: wenze nezingqwembe zalo, nezinkezo zalo, nezindebe zalo, nezinkamba zalo zokuthela, uzenze ngegolide elicwengekileyo.
Verse 30: Wobeka njalo phambi kwami etafuleni isinkwa sokubukwa.
Verse 31: “Wolwenza uthi lwezibani ngegolide elicwengekileyo, uthi lwezibani olwenziwe ngomsebenzi okhandiweyo, nesiqu salo, namagatsha alo, izimbizana zalo, namasumpa alo, nezimbali zalo, konke kube kunye nalo.
Verse 32: Makube khona amagatsha ayisithupha aphuma ezinhlangothini zalo, amagatsha amathathu othi lwezibani aphume kolunye uhlangothi lwalo, amagatsha amathathu othi lwezibani aphume kolunye uhlangothi lwalo.
Verse 33: Izimbizana ezintathu ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi zibe kwelinye igatsha, isumpa nembali; izimbizana ezintathu ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi zibe kwelinye igatsha, isumpa nembali; makube njalo kuwo onke amagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani.
Verse 34: Othini lwezibani kuyakuba khona izimbizana ezine ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi, amasumpa azo nezimbali zazo,
Verse 35: kube yisumpa phansi kwamagatsha amabili, libe kunye nalo, nesumpa phansi kwamanye amagatsha amabili, libe kunye nalo, nesumpa phansi kwamanye amagatsha amabili futhi, libe kunye nalo, kube phansi kwamagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani.
Verse 36: Amasumpa alo namagatsha alo ayakuba kunye nalo, kube kunye konke okwalo, kube ngokomsebenzi okhandiweyo wegolide elicwengekileyo.
Verse 37: “Wolwenzela izibani eziyisikhombisa, izibani zalo zibekwe ukuba zikhanyise phambi kwalo.
Verse 38: Izizenze zalo nezitsha zalo zensizi mazenziwe ngegolide elicwengekileyo.
Verse 39: Malwenziwe ngetalenta legolide elicwengekileyo kanye nazo zonke lezi zinto.
Verse 40: Bhekisisa ukuba uzenze ngesifanekiso sazo owaboniswa sona entabeni.