Verse 1: “OBesaleli no-Oholiyabe bayakusebenza nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke kubo ukuhlakanipha nokuqonda ukuba bazi ukwenza yonke imisebenzi yenkonzo yendlu engcwele njengakho konke uJehova akuyalileyo.”
Verse 2: UMose wababiza oBesaleli no-Oholiyabe nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke ukuhlakanipha ezinhliziyweni zabo, bonke abavuswa yizinhliziyo zabo ukuza emsebenzini ukuba bawenze.
Verse 3: Bawamukela kuMose wonke umnikelo, abantwana bakwa-Israyeli ababewulethele umsebenzi wenkonzo yendlu engcwele ukuba wenziwe ngawo. Kepha babesaletha kuye njalo imihla ngemihla ekuseni iminikelo yesihle.
Verse 4: Bonke abahlakaniphileyo ababeyisebenza yonke imisebenzi yendlu engcwele beza, kwaba yilowo nalowo wavela emsebenzini wakhe owawusebenzayo,
Verse 5: bathi kuMose: “Abantu baletha okuningi kakhulu kunokwanele inkonzo yomsebenzi ayalile ngawo uJehova ukuba wenziwe.”
Verse 6: UMose wayeseyala, kwamenyezelwa ekamu, kwathiwa: “Makungabe kusasetshenzwa ngowesilisa nangowesifazane omunye umsebenzi womnikelo wendlu engcwele.” Base bevinjelwa abantu ukuletha.
Verse 7: Okwase kwenziwe kwakwanele wonke umsebenzi obuyakwenziwa, futhi kwasala.
Verse 8: Bonke abahlakaniphile ngenhliziyo phakathi kwabo abasebenza umsebenzi benza itabernakele ngezilenge eziyishumi, bazenza ngelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, zinamakherubi, umsebenzi wengcweti.
Verse 9: Ubude besilenge babuyizingalo ezingamashumi amabili nesishiyagalombili, nobubanzi besilenge babuyizingalo ezine; zonke izilenge zazinesilinganiso sinye.
Verse 10: Wahlanganisa izilenge eziyisihlanu esinye nesinye; wazihlanganisa nezinye izilenge eziyisihlanu esinye nesinye.
Verse 11: Wazenza izihibe eziluhlaza eceleni lesinye isilenge emphethweni ngasekuhlanganeni; wenze njalo naseceleni lesilenge sokugcina ngasekuhlanganeni kwesibili.
Verse 12: Wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu kwesinye isilenge; wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge esisekuhlanganeni kwesibili; izihibe zazibhekana.
Verse 13: Wazenza izinkibaniso ezingamashumi ayisihlanu zegolide, wazihlanganisa izilenge esinye nesinye ngezinkibaniso, kwaba yitabernakele linye.
Verse 14: Wazenza izilenge ngoboya bezimbuzi, zibe yitende phezu kwetabernakele; wazenza izilenge eziyishumi nanye.
Verse 15: Ubude besilenge babuyizingalo ezingamashumi amathathu, nobubanzi bezilenge babuyizingalo ezine; izilenge eziyishumi nanye zazinesilinganiso sinye.
Verse 16: Wahlanganisa izilenge eziyisihlanu zodwa, nezilenge eziyisithupha zodwa.
Verse 17: Wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge sokugcina ekuhlanganeni, wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge ekuhlanganeni kwesibili.
Verse 18: Wazenza izinkibaniso ezingamashumi ayisihlanu zethusi zokuhlanganisa itende libe linye.
Verse 19: Wasenza isifulelo setende ngezikhumba ezibomvu zezinqama, nesifulelo ngezikhumba zamatahasi phezulu.
Verse 20: Wawenza amapulangwe amiyo etabernakele ngomuthi womtholo.
Verse 21: Ubude bepulangwe babuyizingalo eziyishumi, nobubanzi bepulangwe babuyingalo nenxenye.
Verse 22: Yilelo nalelo pulangwe lalinemisuka emibili, omunye malungana nomunye; wenze njalo kuwo onke amapulangwe etabernakele.
Verse 23: Wawenza amapulangwe etabernakele, amapulangwe angamashumi amabili ohlangothi lwaseningizimu olubheka ngaseningizimu.
Verse 24: Wazenza izinyawo ezingamashumi amane zesiliva phansi kwamapulangwe angamashumi amabili, izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye, ezemisuka yalo emibili, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe, ezemisuka yalo emibili.
Verse 25: Uhlangothi lwesibili lwetabernakele ngasohlangothini lwasenyakatho walwenzela amapulangwe angamashumi amabili,
Verse 26: nezinyawo zawo ezingamashumi amane zesiliva, izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe.
Verse 27: Uhlangothi lwetabernakele olungasemuva ngasentshonalanga walwenzela amapulangwe ayisithupha.
Verse 28: Amapulangwe amabili wawenzela amagumbi etabernakele angasemuva.
Verse 29: Ayemabili phansi, kanjalo aphelela aze afika phezulu esongweni lokuqala; wenze njalo kuwo omabili emagumbini omabili.
Verse 30: Kwakungamapulangwe ayisishiyagalombili nezinyawo zawo zesiliva, izinyawo eziyishumi nesithupha, izinyawo ezimbili phansi kwalelo nalelo pulangwe.
Verse 31: Wayenza imishayo ngomuthi womtholo, yaba ngeyisihlanu yamapulangwe olunye uhlangothi lwetabernakele,
Verse 32: nemishayo eyisihlanu yamapulangwe olunye uhlangothi lwetabernakele, nemishayo eyisihlanu yamapulangwe etabernakele ohlangothini olungasemuva ngasentshonalanga.
Verse 33: Wawenza umshayo waphakathi ukuba udabule phakathi kwamapulangwe, kusukela ekugcineni ngalapha kuze kufike ekugcineni ngalapha.
Verse 34: Wanameka amapulangwe ngegolide, wawenza amasongo awo ngegolide, abe yizindawo zezinti; wanameka nezinti ngegolide.
Verse 35: Wasenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, wasenza saba namakherubi, umsebenzi wengcweti.
Verse 36: Wasenzela izinsika ezine zomtholo, wazinameka ngegolide; izingwegwe zazo zaziyigolide; wazikhandela izinyawo ezine zesiliva.
Verse 37: Walenza iveli lomnyango wetende ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, umsebenzi womfekethisi,
Verse 38: nezinsika zalo eziyisihlanu nezingwegwe zazo; wanameka izihloko zazo nezibopho zazo ngegolide; izinyawo zazo eziyisihlanu zaziyithusi.