Exodus - Chapter 18

Verse 1: UJetiro umpristi wakwaMidiyani, umukhwe kaMose, wezwa konke uNkulunkulu abenzele khona oMose no-Israyeli abantu bakhe, ukuthi uJehova wayemkhiphile u-Israyeli eGibithe.

Verse 2: UJetiro umukhwe kaMose wathatha uSipora umkaMose, yena esekade embuyisile,

Verse 3: namadodana akhe omabili, igama lenye linguGereshomu, ngokuba wayethe: “Ngangingumfokazi kwelinye izwe,”

Verse 4: igama lenye lalingu-Eliyezeri, ngokuba wathi: “UNkulunkulu kababa ubelusizo lwami, wangophula enkembeni kaFaro.”

Verse 5: UJetiro umukhwe kaMose wafika namadodana akhe nomkakhe kuMose ehlane, lapho wayemise khona ngasentabeni kaNkulunkulu.

Verse 6: Wathi kuMose: “Mina mukhwe wakho uJetiro ngize kuwe, kanye nomkakho, namadodana akhe omabili enaye.”

Verse 7: UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wamkhothamela, wamanga; babuzana impilo, bangena etendeni.

Verse 8: UMose wayesemlandisa umukhwe wakhe konke uJehova abekwenzile kuFaro nakubo abaseGibithe ngenxa ka-Israyeli, konke ukushikashikeka okwabehlela endleleni, nokuthi uJehova wabophula.

Verse 9: UJetiro wathokoza ngakho konke okuhle uJehova akwenzile ku-Israyeli, ebophulile esandleni sabaseGibithe.

Verse 10: Wathi uJetiro: “Makabongwe uJehova onophulile esandleni sabaseGibithe nasesandleni sikaFaro, ebophulile abantu phansi kwesandla sabaseGibithe.

Verse 11: Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, yebo, kulokhu ababebagabisela ngakho.”

Verse 12: UJetiro umukhwe kaMose wamthathela uNkulunkulu umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; weza u-Aroni kanye nawo onke amalunga akwa-Israyeli ukuyokudla nomukhwe kaMose phambi kukaNkulunkulu.

Verse 13: Kwathi ngangomuso uMose wayehlala ukwahlulela abantu; abantu babemi ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.

Verse 14: Umukhwe kaMose esebona konke abenzela khona abantu, wathi: “Kuyini lokhu obenzela khona bantu na? Uhlalelani wedwa, abantu bonke bemi ngakuwe kusukela ekuseni kuze kuhlwe na?”

Verse 15: UMose wathi kumukhwe wakhe: “Kungokuba abantu beza kimi ukuyombuza uNkulunkulu.

Verse 16: Uma benendaba, beza kimi; ngiyahlulela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe.”

Verse 17: Umukhwe kaMose wathi kuye: “Lokhu okwenzayo akukuhle.

Verse 18: Uyakudinwa nokudinwa, wena nalaba bantu abanawe, ngokuba lokhu kuyakusinda; awunakukwenza uwedwa.

Verse 19: Kalokhu lalela izwi lami, ngikululeke, uNkulunkulu abe nawe; ngithi: ‘Yiba ngumkhulumeli wabantu phambi kukaNkulunkulu, ulethe izindaba kuNkulunkulu,

Verse 20: ubafundise izimiso nemithetho, ubatshengise indlela abayakuhamba ngayo, nomsebenzi abayakuwenza.

Verse 21: Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.

Verse 22: Akube yizona ezahlulela abantu ngezikhathi zonke, kulethwe kuwe zonke izindaba ezinkulu; kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwe yizo uqobo, kuze kube lula kuwe, zithwalisane nawe.

Verse 23: Uma wenza lokhu, noNkulunkulu ekuyala kanje, uzakuba namandla okuma, nabo bonke laba bantu bayakubuyela ezindaweni zabo benokuthula.’ ”

Verse 24: UMose walalela izwi lomukhwe wakhe, wakwenza konke akushilo.

Verse 25: UMose wakhetha amadoda anamandla phakathi kuka-Israyeli wonke, wawabeka aba yizinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduma zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.

Verse 26: Zahlulela abantu ngezikhathi zonke; izindaba ezilukhuni zazidlulisela kuMose, kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwa yizo uqobo.

Verse 27: UMose wamvalelisa umukhwe wakhe; wasuka wabuyela ezweni lakubo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories