Verse 1: Inkosi uSolomoni yabusa u-Israyeli wonke.
Verse 2: Yilezi izikhulu eyayinazo: u-Azariya indodana kaSadoki wayengumpristi;
Verse 3: o-Elihorefi no-Ahiya amadodana kaShisha babe ngababhali, noJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana;
Verse 4: uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwempi; oSadoki no-Abiyathara babe ngabapristi;
Verse 5: u-Azariya indodana kaNathani wayephezu kwezinduna; uZabudi indodana kaNathani wayengumpristi nomngane wenkosi;
Verse 6: u-Ahishari wayephezu kwabendlu; u-Adoniramu indodana ka-Abida wayephethe ezemali.
Verse 7: USolomoni wayenezinduna eziyishumi nambili phezu kwabo bonke abakwa-Israyeli ezazifunela inkosi nabendlu yayo ukudla; yileyo naleyo yayifuna ukudla inyanga inye ngomnyaka.
Verse 8: Nanka amagama azo: oBeni-Huri ezintabeni zakwa-Efrayimi,
Verse 9: noBeni-Dekeri eMakhasi, naseShahalabimi, naseBeti Shemeshi, nase-Eloni Beti Hanani,
Verse 10: noBeni Hesedi e-Aruboti, okwakungelakhe iSoko nalo lonke izwe laseHeferi,
Verse 11: noBeni Abinadaba kulo lonke iNafati Dori; uThafati indodakazi kaSolomoni wayengumkakhe;
Verse 12: uBahana indodana ka-Ahiludi eThahanaki, naseMegido, nakulo lonke iBeti Sheyani elingaseceleni kweSaretani, ngenzansi kwaseJizreyeli, kusukela eBeti Sheyani kuze kube se-Abela Mehola nangaphesheya kweJokimeyamu,
Verse 13: noBeni Geberi eRamoti Gileyadi, okwakungeyakhe imizi kaJayire indodana kaManase ekwaGileyadi, nezwe lase-Arigobi eliseBashani, imizi engamashumi ayisithupha enezingange nemigoqo yethusi,
Verse 14: no-Ahinadaba indodana ka-Ido eMahanayimi,
Verse 15: no-Ahimahasi kwaNafetali, yena owathatha uBasemati indodakazi kaSolomoni abe ngumkakhe,
Verse 16: noBahana indodana kaHushayi kwa-Asheri nase-Aloti,
Verse 17: noJehoshafati indodana kaPharuwa kwa-Isakare,
Verse 18: noShimeyi indodana ka-Ela kwaBenjamini,
Verse 19: noGeberi indodana ka-Uri ezweni lakwaGileyadi, izwe likaSihoni inkosi yama-Amori no-Ogi inkosi yaseBashani, ngokuba kwakuyinduna eyodwa kulelo zwe.
Verse 20: OJuda no-Israyeli babe baningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula.
Verse 21: USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.
Verse 22: Ukudla kukaSolomoni ngosuku olulodwa kwakungamakhora angamashumi amathathu empuphu ecolekileyo, namakhora angamashumi ayisithupha empuphu,
Verse 23: nezinkabi eziyishumi ezikhuluphalisiweyo, nezinkabi ezingamashumi amabili zasemadlelweni, nezimvu eziyikhulu ngaphandle kwezindluzele, namanxala, nezinsephe, nezinkuku ezikhuluphalisiweyo.
Verse 24: Wabusa ezweni lonke ngaphesheya koMfula kusukela eThifisa kuze kube seGaza phezu kwawo onke amakhosi ngaphesheya koMfula; wayenokuthula nxazonke zakhe.
Verse 25: OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.
Verse 26: USolomoni wayenezipani eziyizinkulungwane ezingamashumi amane zamahhashi ezinqola zakhe nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili.
Verse 27: Izinduna lezo zafunela ukudla inkosi uSolomoni nabo bonke abasondela etafuleni lenkosi uSolomoni, kwaba yileyo naleyo ngenyanga yayo; kwakungasweleki lutho.
Verse 28: Nebhali, nefoliji lamahhashi, namahhashi anejubane zakuletha endaweni lapho zikhona, kwaba yileyo naleyo njengokunqunyelwe yona.
Verse 29: UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nengqondo ebanzi kakhulu, nenhliziyo enkulu ngangesihlabathi esisogwini lolwandle.
Verse 30: Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwadlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibithe.
Verse 31: Ngokuba wayehlakaniphile kunabo bonke abantu: kuno-Ethani umEzra, noHemani, noKalikoli, noDarda amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke nxazonke.
Verse 32: Waqamba izaga eziyizinkulungwane ezintathu; amaculo akhe ayeyinkulungwane nanhlanu.
Verse 33: Wakhuluma ngemithi kusukela kuwo umsedari oseLebanoni kuze kube kulo ihisopi elimila odongeni; wakhuluma nangezinkomo, nangezinyoni, nangezilwanyana ezinwabuzelayo, nangezinhlanzi.
Verse 34: Kwafika abantu basezizweni zonke ukuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni bevela emakhosini onke abezwile ukuhlakanipha kwakhe.