Verse 1: Izinsuku zikaDavide zasondela ekufeni; wayesemyala uSolomoni indodana yakhe, ethi:
Verse 2: Mina sengihamba indlela yawo wonke umhlaba; ngalokho qina, ube yindoda,
Verse 3: ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo,
Verse 4: ukuze uJehova aqinise izwi lakhe alikhuluma ngami ngokuthi: 'Uma abantwana bakho begcina indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami eqinisweni ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo, awuyikuntula muntu - washo njalo - esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.
Verse 5: Futhi wena uyazi okwenziwayo kimi nguJowabe indodana kaSeruya, nalokho akwenzayo kuzo izinduna ezimbili zezimpi zakwa-Israyeli, o-Abineri indodana kaNeri no-Amasa indodana kaJetheri, owababulala, wachitha igazi lokulwa ngesikhathi sokuthula, wabeka igazi lokulwa kulo ibhande lakhe elalisokhalweni lwakhe nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.
Verse 6: Yenza njengokuhlakanipha kwakho, ungayehlisi impunga ngokuthula endaweni yabafileyo.
Verse 7: Kepha yiba nomusa kumadodana kaBarizilayi wakwaGileyadi, abe khona phakathi kwabadla ngasetafuleni lakho, ngokuba enza kanjalo kimi mhla ngabalekela u-Abisalomu umfowenu.
Verse 8: Bheka, ukhona nawe uShimeyi indodana kaGera wakwaBenjamini waseBahurimi, owangithuka ngokuthuka okwesabekayo mhla ngiya eMahanayimi; kepha wehla ukungihlangabeza ngaseJordani, ngafunga kuye uJehova ngokuthi: 'Angiyikukubulala ngenkemba.
Verse 9: Ngalokho ungamyeki abe ngongenacala, ngokuba wena ungumuntu ohlakaniphileyo, uyakwazi okufanele ukuba ukwenze kuye, wehlise impunga endaweni yabafileyo inegazi.
Verse 10: UDavide wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide.
Verse 11: Izinsuku uDavide abusa ngazo phezu kuka-Israyeli zaziyiminyaka engamashumi amane; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni, iminyaka engamashumi amathathu nantathu wabusa eJerusalema.
Verse 12: USolomoni wayesehlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide uyise; umbuso wakhe waqiniswa kakhulu.
Verse 13: Wayesefika u-Adoniya indodana kaHagiti kuBati Sheba unina kaSolomoni. Wathi: "Uze nokuthula na?" Wathi yena: "Yebo, ngize nokuthula."
Verse 14: Wayesethi: "Nginendaba kuwe." Wathi: "Khuluma."
Verse 15: Wathi-ke: "Uyazi wena ukuthi umbuso wawungowami nokuthi wonke u-Israyeli wabhekisa kimi ubuso bakhe ukuba ngibuse; kepha umbuso usuguquliwe, sewaba ngowomfowethu, ngokuba wawuthola kuJehova.
Verse 16: Sengicela into inye kuwe, ungangifulatheli." Wathi kuye: "Khuluma."
Verse 17: Wayesethi: "Ake ukhulume kuSolomoni inkosi, ngokuba akayikukufulathela wena, ukuba anginike u-Abishagi waseShunemi abe ngumkami."
Verse 18: UBati-Sheba wathi: "Kulungile; ngizakukukhulumela enkosini."
Verse 19: Wayesehamba uBati Sheba, waya enkosini uSolomoni ukuba amkhulumele u-Adoniya kuyo. Inkosi yasukuma ukumhlangabeza, yamkhothamela, yahlala esihlalweni sayo sobukhosi, yambekela unina wenkosi isihlalo, wahlala ngakwesokunene sayo.
Verse 20: Wayesethi kuyo: "Nginesicelo sinye nje esincane kuwe; ungangifulatheli." Inkosi yathi kuye: "Cela-ke, mame ngokuba angiyikukufulathela."
Verse 21: Wathi-ke: "U-Abishagi waseShunemi makanikwe ku-Adoniya umfowenu, abe ngumkakhe."
Verse 22: Inkosi uSolomoni yaphendula, yathi kunina: "Umcelelelani u-Adoniya u-Abishagi waseShunemi na? Mcelele nombuso futhi, ngokuba ungumnewethu; yebo, mcelele yena no-Abiyathara umpristi, noJowabe indodana kaSeruya."
Verse 23: Inkosi uSolomoni yayisifunga uJehova ngokuthi: "UNkulunkulu makenze njalo kimi, enezele futhi, uma u-Adoniya engakhulumanga leli zwi libe ngelokufa kwakhe.
Verse 24: Ngalokho, kuphila kukaJehova ongiqinisileyo, wangibeka esihlalweni sobukhosi sikaDavide ubaba, wangenza indlu njengokukhuluma kwakhe; namhla nje uyakubulawa u-Adoniya."
Verse 25: Inkosi uSolomoni yayisithumela ngesandla sikaBenaya indodana kaJehoyada: wamsukela; wafa.
Verse 26: Inkosi yathi ku-Abiyathara umpristi: "Hamba uye e-Anathoti emasimini akho, lokhu ungowokufa, kepha angiyikukubulala namuhla, ngokuba wawuwuthwala umphongolo weNkosi uJehova phambi kukaDavide ubaba, wahlupheka ngakho konke ubaba ahlupheka ngakho."
Verse 27: USolomoni wayesemxosha u-Abiyathara, angabe esaba ngumpristi kuJehova, ukuba agcwalise izwi likaJehova alikhuluma ngendlu ka-Eli eShilo.
Verse 28: Lapho kufika umbiko kuJowabe ngokuba uJowabe - wayemlandele u-Adoniya noma engamlandelanga u-Abisalomu uJowabe - wabaleka, waya etendeni likaJehova, wabamba izimpondo ze-altare.
Verse 29: Inkosi uSolomoni yatshelwa ukuthi: "UJowabe ubalekele etendeni likaJehova; bheka, ungase-altare." USolomoni wayesethuma uBenaya indodana kaJehoyada ngokuthi: "Hamba, umsukele."
Verse 30: UBenaya wafika etendeni likaJehova, wathi kuye: "Isho kanje inkosi, ithi: 'Phuma.' " Wathi: "Qha, ngiyakufela lapha." UBenaya wabuyisela enkosini izwi lokuthi: "Washo njalo uJowabe, wangiphendula kanjalo."
Verse 31: Inkosi yathi kuye: "Yenza njengokusho kwakhe, umsukele, ummbele, ukuba ususe kimi nakuyo indlu kababa igazi elachithwa ngeze nguJowabe.
Verse 32: UJehova uyakulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe, ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye, wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no-Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.
Verse 33: Igazi labo liyakubuyela ekhanda likaJowabe nasekhanda lenzalo yakhe kuze kube phakade; kepha kuDavide, nakuyo inzalo yakhe, nakuyo indlu yakhe, nakuso isihlalo sakhe sobukhosi kuyakuba ngukuthula kuze kube phakade, kuvela kuJehova."
Verse 34: Wayesenyuka uBenaya indodana kaJehoyada, wamsukela, wambulala; wembelwa endlini yakhe ehlane.
Verse 35: Inkosi yayisimbeka uBenaya indodana kaJehoyada phezu kwempi esikhundleni sakhe; uSadoki umpristi inkosi yambeka esikhundleni sika-Abiyathara.
Verse 36: Inkosi yathuma yambiza uShimeyi, yathi kuye: "Zakhele indlu eJerusalema, uhlale khona, ungaphumi lapho ukuya ndawo.
Verse 37: Ngokuba mhla uphuma, uwele umfudlana iKidroni, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa; igazi lakho liyakuba sekhanda lakho."
Verse 38: Wayesethi uShimeyi enkosini: "Lelo zwi lilungile; inceku yakho iyakwenza njengokusho kwenkosi yami, inkosi." UShimeyi wahlala eJerusalema izinsuku eziningi.
Verse 39: Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emithathu izinceku ezimbili zikaShimeyi zabaleka, zaya ku-Akhishi indodana kaMahakha inkosi yaseGati. UShimeyi watshelwa ukuthi: "Bheka, izinceku zakho ziseGati."
Verse 40: Wayesesuka uShimeyi, wabophela imbongolo yakhe, waya eGati ku-Akhishi ukuba afune izinceku zakhe; wahamba uShimeyi, wazibuyisa izinceku zakhe eGati.
Verse 41: Kwabikelwa uSolomoni ukuthi uShimeyi wayesukile eJerusalema ukuya eGati nokuthi ubuyile.
Verse 42: Inkosi yayisithuma yambiza uShimeyi, yathi kuye: "Angithi ngikufungisile uJehova, ngaqinisa kuwe ukuthi: 'Mhla uphuma uye nomaphi, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa,' na? Wathi kimi: 'Izwi engilizwileyo lihle.'
Verse 43: Pho, awugcinanga ngani isifungo sikaJehova nomyalo engakuyala ngakho na?"
Verse 44: Inkosi yathi futhi kuShimeyi: "Wena uyazi konke okubi okwaziwa yinhliziyo yakho, owakwenza kuDavide ubaba; ngalokho uJehova uyakubuyisela ububi bakho ekhanda lakho.
Verse 45: Kepha inkosi uSolomoni iyakubusiswa, nesihlalo sobukhosi sikaDavide siyakuqiniswa phambi kukaJehova kuze kube phakade."
Verse 46: Ngokuyala kwenkosi uBenaya indodana kaJehoyada waphuma wamsukela; wafa. Umbuso wawusulokhu uqiniswa njalo esandleni sikaSolomoni.