1 Kings - Chapter 5

Verse 1: UHiramu inkosi yaseTire wathuma izinceku zakhe kuSolomoni, ngokuba wayezwile ukuthi ugcotshiwe abe yinkosi esikhundleni sikayise, ngokuba uHiramu wayengumngane kaDavide njalo.

Verse 2: USolomoni wathumela kuHiramu, wathi:

Verse 3: Wena uyazi ukuthi uDavide ubaba wayengenakwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wakhe indlu ngenxa yezimpi ezazimzungeza nxazonke, uJehova waze wazibeka phansi kwamathe ezinyawo zakhe.

Verse 4: Kepha manje uJehova uNkulunkulu wami unginike ukuphumula nxazonke; kakho omelana nami, akukho ngozi.

Verse 5: Bheka, sengicabanga ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu, njengalokho uJehova akhuluma kuDavide ubaba, ethi: Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yona iyakwakhela igama lami indlu.

Verse 6: Ngalokho yaleza ukuba bangigawulele imisedari eLebanoni, izinceku zami zibe nezakho; ngiyakukunika inkokhelo yezinceku zakho njengakho konke ongakusho, ngokuba wena uyazi ukuthi akukho muntu kithi ongagawula imithi njengamaSidoni.

Verse 7: Kwathi uHiramu ezwile amazwi kaSolomoni wathokoza kakhulu, wathi: "Makabusiswe uJehova namuhla omnikile uDavide indodana ehlakaniphileyo phezu kwalabo bantu abakhulu."

Verse 8: UHiramu wayesethumela kuSolomoni, wathi: "Ngizwile lokho okuthume kimi; mina ngiyakwenza konke okufunayo ngemisedari nangemisayipuresi.

Verse 9: Izinceku zami ziyakuyehlisa eLebanoni, ziyiyise elwandle, mina ngiyenze ibe yizihlenga ezihamba elwandle, ziye endaweni oyakungiyalela yona, zihlakazwe khona; wena wozithatha khona, ufeze engikufunayo ngokubapha abendlu yami ukudla."

Verse 10: UHiramu wayesenika uSolomoni imisedari nemisayipuresi njengakho konke ukufuna kwakhe.

Verse 11: USolomoni wamnika uHiramu amakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni, ukudla kwabendlu yakhe, namakhora angamashumi amabili amafutha akhanyiweyo; uSolomoni wamnika kanjalo uHiramu iminyaka ngeminyaka.

Verse 12: UJehova wamnika uSolomoni ukuhlakanipha njengokusho kwakhe kuye; kwakukhona ukuthula phakathi kukaHiramu noSolomoni; benza isivumelwano bobabili.

Verse 13: Inkosi uSolomoni yabiza izisebenzi kubo bonke abakwa-Israyeli; izisebenzi zaba ngabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu.

Verse 14: Wabathuma eLebanoni, beyizinkulungwane eziyishumi ngenyanga, bededelana; babe seLebanoni inyanga, babe sekhaya izinyanga ezimbili; u-Adoniramu wayephezu kwezisebenzi.

Verse 15: USolomoni wayenabathwalayo imithwalo abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa, nababazi bamatshe ezintabeni abayizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili,

Verse 16: ngaphandle kwezinduna ezinkulu zikaSolomoni ezaziphethe umsebenzi, izinkulungwane ezintathu namakhulu amathathu, ezazibusa abantu ababewenza umsebenzi.

Verse 17: Inkosi yayala, baqopha amatshe amakhulu, amatshe anenani elikhulu, ukuba babeke isisekelo sendlu ngamatshe abaziweyo.

Verse 18: Abakhi bakaSolomoni nabakhi bakaHiramu nabaseGebali bawabaza, balungisa imithi namatshe ukwakha indlu.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories