Verse 1: Owesifazane ohlakaniphileyo uyakha indlu yakhe, kepha oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.
Verse 2: Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova, kepha ophambanisa izindlela zakhe uyamdelela.
Verse 3: Emlonyeni wesiwula kukhona induku yokuziqhenya kwaso, kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.
Verse 4: Lapho kungekho khona izinkomo, umkhombe awunalutho, kepha inzuzo inkulu ngamandla ezinkabi.
Verse 5: Ufakazi oqinisileyo akaqambi amanga, kepha ufakazi ongaqinisile uyaphafuza amanga.
Verse 6: Isideleli siyafuna ukuhlakanipha singakutholi, kepha ukwazi kulula koqondayo.
Verse 7: Suka phambi komuntu oyisiwula, ngokuba lapho awuboni izindebe zokwazi.
Verse 8: Ukuhlakanipha koqondileyo kungukuqonda indlela yakhe, kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.
Verse 9: Iziwula ziyadelela umnikelo wecala, kepha phakathi kwabaqotho wamukelekile.
Verse 10: Inhliziyo iyazi ubumunyu bayo; umfokazi akahlanganyeli intokozo yayo.
Verse 11: Indlu yababi iyachithwa, kepha itende labaqotho liyahluma.
Verse 12: Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.
Verse 13: Nasekuhlekeni inhliziyo inobuhlungu, nokuphela kwentokozo kulusizi.
Verse 14: Ohlehla ngenhliziyo uyasutha ngezindlela zakhe, nomuntu omuhle ngemisebenzi yakhe.
Verse 15: Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.
Verse 16: Ohlakaniphileyo uyesaba, udeda ebubini, kepha isiwula siyaqhosha, singanaki lutho.
Verse 17: Isififane siyenza ubuwula, kepha umuntu wamasu unokuthula.
Verse 18: Abangenalwazi badla ifa lobuwula, kepha abaqondileyo baqheliswa ngokwazi.
Verse 19: Ababi bakhothama phambi kwabalungileyo, namashinga ngasemasangweni abalungileyo.
Verse 20: Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe, kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo.
Verse 21: Odelela umakhelwane wakhe uyona, kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.
Verse 22: Angithi bayaduka abaceba okubi na? Umusa neqiniso kuyakuba ngokwabaqamba okuhle.
Verse 23: Wonke umshikashika unenzuzo, kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela.
Verse 24: Umqhele wabahlakaniphileyo uyingcebo yabo, umgexo weziwula ungubuwula.
Verse 25: Ufakazi oqinisileyo uyophula imiphefumulo, kepha ophafuza amanga unenkohliso.
Verse 26: Ekumesabeni uJehova kukhona ithemba elinamandla; abantwana bakhe bayakuba nesiphephelo.
Verse 27: Ukumesaba uJehova kungumthombo wokuphila, ukuze kudedwe ezingibeni zokufa.
Verse 28: Udumo lwenkosi lungobuningi babantu, kepha ukuswela abantu kungukuchithwa kwesikhulu.
Verse 29: Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi, kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.
Verse 30: Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama, kepha umhawu ungukubola kwamathambo.
Verse 31: Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kepha onomusa koswelayo uyamdumisa.
Verse 32: Omubi uwiswa phansi ngobubi bakhe, kepha olungileyo unethemba ekufeni kwakhe.
Verse 33: Ukuhlakanipha kuhlezi enhliziyweni yonokuqonda, kepha phakathi kweziwula akwaziwa.
Verse 34: Ukulunga kuyaphakamisa isizwe, kepha ukona kuyihlazo kubantu.
Verse 35: Isisa senkosi sikuyo inceku enokuqonda, kepha intukuthelo yayo iyakuba kwehlazisayo.