Proverbs - Chapter 20

Verse 1: Iwayini liyisideleli, uphuzo olunamandla lungumxokozeli; bonke abaduka ngalo abahlakaniphile.

Verse 2: Ingebhe ngenkosi injengokubhonga kwengonyama; oyithukuthelisayo wona umphefumulo wakhe.

Verse 3: Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana, kepha zonke iziwula ziyaphikisana.

Verse 4: Ngenxa yobusika ivila aliyikulima; ngalokho uyakuthekela ngesikhathi sokuvuna, kungekho lutho.

Verse 5: Isiluleko enhliziyweni yomuntu sinjengamanzi ajulileyo, kepha umuntu oqondileyo uyakusikhipha.

Verse 6: Abantu abaningi bayamemezela, kube yilowo nalowo umusa wakhe, kepha ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?

Verse 7: Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe, babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.

Verse 8: Inkosi ehlezi esihlalweni sokwahlulela ihlakaza konke okubi ngamehlo ayo.

Verse 9: Ngubani ongasho ukuthi: “Ngihlanzile inhliziyo yami, sengihlambulukile ezonweni zami, na?”

Verse 10: Izisindo ezimbili nama-efa amabili, kokubili kuyisinengiso kuJehova.

Verse 11: Naye umntwana uyaziwa ngezenzo zakhe, uma isenzo sakhe sihlanzekile, noma siqotho.

Verse 12: Indlebe ezwayo neso elibonayo, uJehova wenzile kokubili.

Verse 13: Ungathandi ubuthongo, funa ufikelwe ngubumpofu; vula amehlo akho, uyakusutha ngesinkwa.

Verse 14: “Kubi, kubi,” kusho umthengi; kepha esehambile uyazigabisa.

Verse 15: Kukhona igolide namarubi amaningi, kepha ukwazi kwezindebe kuyigugu elinqabileyo.

Verse 16: Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi, umbambe abe yisibambiso omela abezizwe.

Verse 17: Isinkwa samanga simnandi kumuntu, kepha ngasemuva umlomo wakhe uyakugcwaliswa ngohlalwane.

Verse 18: Amacebo onke ayaqiniswa ngokululekana; yilwa impi ngamasu.

Verse 19: Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo; ngalokho ungahlangani naye ovula kakhulu umlomo wakhe.

Verse 20: Oqalekisa uyise nonina, isibani sakhe siyakucimeka esigayegayeni.

Verse 21: Imfuyo ingatholwa ngokushesha ekuqaleni, kepha ukuphela kwayo akuyikubusiswa.

Verse 22: Ungasho ukuthi: “Ngiyakuphindisela okubi,” yethemba kuJehova, uyakukusindisa.

Verse 23: Izisindo ezimbili ziyisinengiso kuJehova, nesilinganiso senkohliso asilungile.

Verse 24: Izinyathelo zomuntu zingezikaJehova; pho, umuntu angaqonda kanjani indlela yakhe na?

Verse 25: Kulugibe ukusho ngamawala ukuthi: “Kungcwele,” abesebuya acabange emva kwezithembiso zakhe.

Verse 26: Inkosi ehlakaniphileyo iyahlakaza ababi, iphindisele phezu kwabo ukushinga kwabo.

Verse 27: Umoya womuntu uyisibani sikaJehova, siphenya konke okuphakathi komuntu.

Verse 28: Umusa neqiniso kuyalonda inkosi; isihlalo sayo sobukhosi sisekelwa ngomusa.

Verse 29: Udumo lwabasha lungamandla abo, nesivunulo sabadala singubumpunga.

Verse 30: Imivimbo elimazayo ihlanza ububi, nezishayo okuphakathi komuntu.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories