Proverbs - Chapter 19

Verse 1: Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe kunophambene ngezindebe zakhe eyisiwula.

Verse 2: Futhi akulungile ukuba umphefumulo ungabi nakwazi; oshesha ngezinyawo uyaduka.

Verse 3: Ubuwula bomuntu buchitha indlela yakhe, kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uJehova.

Verse 4: Imfuyo iyenezela abangane abaningi, kepha ompofu uyashiywa ngumngane wakhe.

Verse 5: Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga akayikusinda.

Verse 6: Baningi abancenga izikhulu; bonke bangabangane bomuntu wezipho.

Verse 7: Bonke abazalwane bompofu bayamzonda; kakhulu kangakanani abangane badedela kude naye; uyabaxosha ngamazwi, kepha awasekho.

Verse 8: Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe; ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.

Verse 9: Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga uyakubhubha.

Verse 10: Ukutamasa akufanele isiwula; kakhulu kangakanani akufanele ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu.

Verse 11: Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe; kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.

Verse 12: Ukufutheka kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.

Verse 13: Indodana eyisiwula iyinhlupheko kayise, nokuxabana komfazi kungukuconsa njalonjalo.

Verse 14: Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise, kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova.

Verse 15: Ubuvila bushonisa ebuthongweni obunzima, nesidenge siyalamba.

Verse 16: Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe, kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.

Verse 17: Onomusa kompofu utsheleka uJehova, nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.

Verse 18: Yilaye indodana yakho, lisekhona ithemba; ungabhekisi inhliziyo yakho ukuyibulala.

Verse 19: Onolaka olukhulu uyathweswa ihlawulo, ngokuba uma umophula, umelwe ukukuphinda.

Verse 20: Yizwa isiluleko, wamukele ukulaywa, ukuze uhlakaniphe ekugcineni.

Verse 21: Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.

Verse 22: Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe; ompofu ungcono kunomuntu wamanga.

Verse 23: Ukumesaba uJehova kungokokuphila; onakho uhlezi anelisiwe, akahanjelwa ngububi.

Verse 24: Ivila liyafaka isandla salo esitsheni; alisibuyiseli nasemlonyeni walo.

Verse 25: Shaya isideleli, ongenalwazi uyakuthola ukuqonda; sola oqondileyo, uyakuqonda ukwazi.

Verse 26: Ochitha uyise noxosha unina uyindodana ehlazisayo nebanga amahloni.

Verse 27: Yeka, ndodana yami, ukulalela ukulaywa, uyakuduka emazwini okwazi.

Verse 28: Ufakazi omubi uyadelela ukwahlulela; umlomo wababi uyagwinya ukona.

Verse 29: Izahlulelo zilungiselwa izideleli, nemivimbo umhlane weziwula.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories