Proverbs - Chapter 18

Verse 1: Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso, uphika konke ukuhlakanipha.

Verse 2: Isiwula asithokozi ngokuqonda, kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yakhe.

Verse 3: Lapho kufika omubi, kufika nokudelela; kanye nehlazo kukhona inhlamba.

Verse 4: Amazwi omlomo womuntu anjengamanzi ajulileyo, nomfula ogobhozayo, nomthombo wokuhlakanipha.

Verse 5: Ukukhetha ubuso bomubi ukuba olungileyo aphambukiswe ekwahlulelweni akukuhle.

Verse 6: Izindebe zesiwula ziletha ukuxabana, nomlomo waso ubiza imivimbo.

Verse 7: Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso, nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.

Verse 8: Amazwi omncethezi anjengezibiliboco; ayehlela kokuphakathi komuntu.

Verse 9: Ovilapha emsebenzini wakhe yena ungumfowabo wochithayo.

Verse 10: Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.

Verse 11: Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla; injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.

Verse 12: Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya; ukuthobeka kwandulela udumo.

Verse 13: Obuyisa izwi engakezwa, kungubuwula nehlazo kuye.

Verse 14: Umoya womuntu uyasekela ubuthakathaka bakhe, kepha ngubani ongathwala umoya owaphukileyo na?

Verse 15: Inhliziyo yoqondileyo iyazuza ukwazi, nezindlebe zabalungileyo ziyafuna ukwazi.

Verse 16: Isipho somuntu siyamenzela indawo, simholele kwabakhulu.

Verse 17: Ongowokuqala ecaleni lakhe usengathi ulungile, kepha umakhelwane wakhe ufika, amphenye.

Verse 18: Inkatho iyaqeda ukuxabana, yahlukanise phakathi kwabanamandla.

Verse 19: Umzalwane owoniweyo ulukhuni kunomuzi onamandla, nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.

Verse 20: Isisu somuntu siyasutha ngesithelo somlomo wakhe, saneliswe ngokuthela kwezindebe zakhe.

Verse 21: Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.

Verse 22: Ofumana umfazi uthola okuhle; uzuzile isisa kuJehova.

Verse 23: Ompofu ukhuluma ngokuncenga, kepha isicebi siphendula kalukhuni.

Verse 24: Umuntu wabangane uyazilimaza, kepha kukhona abangane ababambelela kuneselamani.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories