Verse 1: Amazwi kaLemuweli, inkosi yaseMasa, awafundiswa ngunina.
Verse 2: “Yini, ndodana yami, yini, ndodana yesizalo sami, yini, ndodana yezithembiso zami, na?
Verse 3: Unganiki abesifazane amandla akho, nezindlela zakho kwababhubhisa amakhosi.
Verse 4: “Akusikho okwamakhosi, Lemuweli, akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini, nokwababusi ukufisa uphuzo olunamandla,
Verse 5: funa baphuze, bakhohlwe izimiso, baguqule ukwahlulelwa kwabantwana bokuhlupheka.
Verse 6: Mnike obhubhayo uphuzo olunamandla nomunyu enhliziyweni iwayini.
Verse 7: Makaphuze akhohlwe ubumpofu bakhe, angabe esakhumbula usizi lwakhe.
Verse 8: “Sivulele isimungulu umlomo wakho, umele bonke abantwana abayizintandane.
Verse 9: Vula umlomo wakho, wahlulele ngokulunga, umele abahluphekayo nabampofu.”
Verse 10: Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na? Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi.
Verse 11: Inhliziyo yendoda yakhe iyethemba kuye; ayiyikuswela inzuzo.
Verse 12: Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.
Verse 13: Ufuna uboya bezimvu nefilakisi; usebenza ngezandla ezivumayo.
Verse 14: Unjengemikhumbi yabathengi; ulanda kude ukudla kwakhe.
Verse 15: Uyavuka kuse sebusuku, aphe abendlu yakhe ukudla namantombazana akhe imisebenzi yawo.
Verse 16: Ucabanga ngensimu, ayithenge; ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini,
Verse 17: Uyabhinca okhalweni amandla; uyaqinisa izingalo zakhe.
Verse 18: Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo; isibani sakhe asicimeki nasebusuku.
Verse 19: Uyabeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo, neminwe yakhe ibamba insimbi.
Verse 20: Ohluphekayo uyamvulela isandla sakhe, yebo, uzelulela abampofu izandla zakhe.
Verse 21: Akesatshiswa ngabendlu yakhe ngungqoqwane; ngokuba bonke abendlu yakhe bembathiswa okubomvu.
Verse 22: Uyazenzela izindwangu ezimbozayo; izambatho zakhe ziyilineni elicolekileyo nokububende.
Verse 23: Indoda yakhe iyaziwa emasangweni, lapho ihlezi namalunga ezwe.
Verse 24: Wenza izingubo zelineni, athengise ngazo, anikele kubathengi amabhande.
Verse 25: Amandla nesithunzi kungukwembatha kwakhe; uhleka usuku oluzayo.
Verse 26: Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha, nomthetho womusa usolimini lwakhe.
Verse 27: Uyaqaphela okwenziwayo endlini yakhe, akadli isinkwa sobuvila.
Verse 28: Abantwana bakhe bayasukuma, bambusise; nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi:
Verse 29: “Baningi abafazi abakhutheleyo, kepha wena ubadlula bonke.”
Verse 30: Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.
Verse 31: Muphe ezithelweni zezandla zakhe, izenzo zakhe zimdumise emasangweni.