Verse 1: Ungabi namhawu ngabantu ababi, ungafisi ukuba nabo.
Verse 2: Ngokuba izinhliziyo zabo ziceba ukuchitha, nezindebe zabo zikhuluma ngengozi.
Verse 3: Indlu iyakhiwa ngokuhlakanipha, iqiniswe ngokuqonda.
Verse 4: Amakamelo agcwaliswa ngokwazi, ngayo yonke ingcebo enqabileyo nemnandi.
Verse 5: Umuntu ohlakaniphileyo udlula onamandla, nomuntu onokwazi onezikhwepha.
Verse 6: Ngokuba ngokucabanga ungaphaka impi yakho, nokusinda kumi ngobuningi babeluleki.
Verse 7: Ukuhlakanipha kuphakeme kunesiwula; esangweni asivuli umlomo waso.
Verse 8: Ocabanga ukwenza okubi uyakubizwa ngokuthi owenza amacebo.
Verse 9: Ukuceba ubuwula kuyisono, nesideleli siyisinengiso kubantu.
Verse 10: Uma udangala ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.
Verse 11: Bophule abayiswa ekufeni; abakhubekiselwa ekubulaweni ubagodle.
Verse 12: Uma uthi: “Bheka, besingakwazi,” akakuqondi yini olinganisa izinhliziyo, nolonda umphefumulo wakho akakwazi, na? Futhi akayikuphindisela bonke abantu ngokwemisebenzi yabo na?
Verse 13: Ndodana yami, yidla izinyosi, ngokuba zimnandi, noju oluhle emlonyeni wakho.
Verse 14: Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho; uma ukutholile, kuyakuba khona isikhathi esizayo, nethemba lakho aliyikunqunywa.
Verse 15: Wena omubi ungaqamekeli indlu yolungileyo, ungachithi indawo yakhe yokuphumula.
Verse 16: Ngokuba olungileyo angawa kasikhombisa, abesebuye avuke, kepha ababi bayakukhubeka ngobubi.
Verse 17: Ungathokozi ngokuwa kwesitha sakho, nenhliziyo yakho mayingajabuli ngokukhubeka kwaso,
Verse 18: funa uJehova akubone, kube kubi emehlweni akhe, asuse intukuthelo yakhe kuso.
Verse 19: Ungazikhathazi ngabenza okubi, ungabi namhawu ngamashinga.
Verse 20: Ngokuba omubi akayikuba namvuzo, nesibani samashinga siyakucima.
Verse 21: Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi, ungahlangani nabahlubukayo.
Verse 22: Ngokuba ingozi yabo iyakuvuka masinyane; ngubani owazi ukuchithwa kweminyaka yabo na?
Verse 23: Nalawa angamazwi ahlakaniphileyo: Ukukhetha ubuso ekwahluleleni akukuhle.
Verse 24: Oshoyo komubi ukuthi: “Ulungile,” lowo abantu bayakumqalekisa, nezizwe ziyakumthukuthelela.
Verse 25: Kwabamthethisayo kuyakuba mnandi, kufike phezu kwabo isibusiso esihle.
Verse 26: Njengokwanga kwezindebe, injalo impendulo eqinisileyo.
Verse 27: Qeda umsebenzi wakho ngaphandle, uzilungiselele wona ensimini, wakhe ngasemuva indlu yakho.
Verse 28: Ungabi ngufakazi ngomakhelwane wakho kungekho sizathu; wothi ukhohlise ngezindebe zakho na?
Verse 29: Ungasho ukuthi: “Njengalokho ekwenzile kimi, kanjalo ngiyakwenza kuye, ngimphindisele umuntu njengesenzo sakhe.”
Verse 30: Ngadlula ensimini yomuntu oyivila, nasesivinini somuntu ongenangqondo;
Verse 31: bheka, kuso sonke kwakukhona izimbathi, sisibekelwe phezulu ngezimbabazane, nogange lwaso lwamatshe lwaludilizelwe phansi.
Verse 32: Ngabuka-ke mina, ngacabanga; ngabona, ngathola ukulaywa:
Verse 33: ubuthongo obuncane, ukozela okuncane, ukusonga izandla kancane kuze kulalwe,
Verse 34: besekuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma, nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu.