Proverbs - Chapter 4

Verse 1: Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise, nilalele, ukuze nazi ukuqonda.

Verse 2: Ngokuba ngiyaninika izifundiso ezinhle; ningawushiyi umthetho wami.

Verse 3: Ngokuba ngangiyindodana kubaba, ethambileyo neyodwa emehlweni kamame.

Verse 4: Wangifundisa, wathi kimi: “Inhliziyo yakho mayibambe amazwi ami; gcina imiyalo yami, uphile.

Verse 5: Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;

Verse 6: ungakushiyi, kuyakukugcina; kuthande, kuyakukulondoloza.

Verse 7: Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: Zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.

Verse 8: Kukhulise, kuyakukuphakamisa; kuyakukudumisa, lapho ukugona.

Verse 9: Kuyakunika ikhanda lakho umgexo womusa, kunikeze kuwe umqhele wodumo.”

Verse 10: Yizwa, ndodana yami, wamukele izwi lami; kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi.

Verse 11: Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha; ngikuhola emikhondweni yobuqotho.

Verse 12: Ekuhambeni kwakho isinyathelo asiyikuvinjelwa, nasekugijimeni kwakho awuyikukhubeka.

Verse 13: Bambelela ekulayweni, ungakuyeki; kulonde, ngokuba kungukuphila kwakho.

Verse 14: Ungangeni emkhondweni wababi, ungahambi endleleni yabonakeleyo.

Verse 15: Yixwaye, ungadluli ngayo; chezuka kuyo, udlule.

Verse 16: Ngokuba abalali, uma bengenzanga okubi; ubuthongo buyasuswa, uma bengakhubekisanga muntu.

Verse 17: Ngokuba badla isinkwa sobubi, baphuza iwayini lobudlwangudlwangu.

Verse 18: Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.

Verse 19: Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.

Verse 20: Ndodana yami, lalela amazwi ami, ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.

Verse 21: Makungachezuki emehlweni akho, ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho,

Verse 22: ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo nempilo yomzimba wonke wabo.

Verse 23: Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.

Verse 24: Susa kuwe ukuphambana komlomo, nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe.

Verse 25: Amehlo akho mawabheke phambili, nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho.

Verse 26: Yenza umkhondo wonyawo lwakho ukuba ulingane, ziqine zonke izindlela zakho.

Verse 27: Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo; chezukisa unyawo lwakho ebubini.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories