Verse 1: Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,
Verse 2: ngokuba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula.
Verse 3: Isihhe neqiniso makungakushiyi; kubophe entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
Verse 4: ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.
Verse 5: Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.
Verse 6: Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.
Verse 7: Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uJehova, udede ebubini.
Verse 8: Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho nokuhlunyelelwa kwamathambo akho.
Verse 9: Dumisa uJehova ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,
Verse 10: izinqolobane zakho zigcwale ngobuningi, nezikhamo zakho zichichime ngewayini elisha.
Verse 11: Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kukaJehova, ungakhathazeki ngokusola kwakhe.
Verse 12: Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo, njengoyise indodana ayithandayo.
Verse 13: Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha nomuntu ozuza ingqondo,
Verse 14: ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva, nokutholakalayo kukho kunegolide.
Verse 15: Kuyigugu kunamarubi, nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho.
Verse 16: Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene, nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo.
Verse 17: Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi; yonke imikhondo yakho ingukuthula.
Verse 18: Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo, nababambelela kukho babusisiwe.
Verse 19: UJehova wasekela umhlaba ngokuhlakanipha; wamisa amazulu ngokuqonda.
Verse 20: Ngokwazi kwakhe izintwa zaqhekezwa, namafu aconsa amazolo.
Verse 21: Ndodana yami, lokho makungasuki emehlweni akho, ugcine ukuhlakanipha namasu,
Verse 22: kube ngukuphila emphefumulweni wakho nomusa entanyeni yakho.
Verse 23: Khona uyakuhamba indlela yakho ngokulondeka, ungaqhuzuli unyawo lwakho.
Verse 24: Lapho ulala phansi, awuyikwesaba lutho; nanxa usulale phansi, ubuthongo bakho buyakuba mnandi.
Verse 25: Ungethuswa luvalo oluzumayo nokuchithwa kwababi, lapho kufika,
Verse 26: ngokuba uJehova uyakuba yithemba lakho, agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.
Verse 27: Ungagodleli abaninikho okuhle, lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.
Verse 28: Ungasho kumakhelwane wakho ukuthi: “Hamba, ubuye, ngiyakukunika kusasa,” lapho kukhona kuwe.
Verse 29: Ungacebi okubi ngomakhelwane wakho, lapho ehlezi nawe elondekile.
Verse 30: Ungaphikisani namuntu ngeze, uma engakonanga ngalutho.
Verse 31: Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu, ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,
Verse 32: ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova. kepha abaqotho bayisifuba sakhe.
Verse 33: Isiqalekiso sikaJehova sisendlini yababi, kepha uyabusisa ikhaya labalungileyo.
Verse 34: Izideleli uyazidelela, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
Verse 35: Abahlakaniphileyo bayakudla ifa lodumo, kepha iziwula ziyakuphiwa ihlazo.