Verse 1: Umuntu osolwayo, onentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.
Verse 2: Abantu bayathokoza ngokwanda kwabalungileyo, kepha ngokubusa kwababi abantu bayabubula.
Verse 3: Umuntu othanda ukuhlakanipha uthokozisa uyise, kepha umngane wezifebe uchitha imfuyo yakhe.
Verse 4: Inkosi iqinisa izwe ngokwahlulela, kepha umuntu olithelisayo uyalichitha.
Verse 5: Umuntu othopha umakhelwane wakhe wenekela izinyawo zakhe inetha.
Verse 6: Esiphambekweni somuntu omubi kukhona ugibe, kepha olungileyo uyenanela, athokoze.
Verse 7: Olungileyo uyazi indaba yabampofu, kepha omubi akayiqondi.
Verse 8: Abantu abayizideleli bavusa umuzi, kepha abahlakaniphileyo babuyisa ulaka.
Verse 9: Uma ohlakaniphileyo ephikisene nesiwula, siyadlova sihleke, nokuthula akukho.
Verse 10: Abantu begazi bayazonda opheleleyo, kepha abaqotho banaka umphefumulo wakhe.
Verse 11: Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso, kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.
Verse 12: Uma umbusi elalela indaba yamanga, zonke izinceku zakhe zimbi.
Verse 13: Ompofu nocindezelayo bandawonye; uJehova ukhanyisa amehlo abo bobabili.
Verse 14: Inkosi eyahlulela abampofu ngeqiniso, isihlalo sayo sobukhosi siyakuma phakade.
Verse 15: Uswazi nokusola kuyanika ukuhlakanipha, kepha umntwana oyekwayo uyahlazisa unina.
Verse 16: Ngokwanda kwababi kuyanda iziphambeko, kepha abalungileyo bayakubuka ukuwa kwabo.
Verse 17: Yilaye indodana yakho, iyakukuphumuza, yebo, iyakuthokozisa umphefumulo wakho.
Verse 18: Lapho kungekho mbono khona, abantu bayadlubulunda, kepha ogcina umthetho ubusisiwe.
Verse 19: Inceku ayisolwa ngamazwi, ngokuba noma iqonda ayilaleli.
Verse 20: Uyabona umuntu oshesha ngamazwi na? Kukhona ithemba ngesiwula kunangaye.
Verse 21: Inceku ekhuliswa kahle kwasebuntwaneni iyakuba yindodana ekugcineni.
Verse 22: Umuntu onolaka uvusa ukuxabana, nomuntu ofuthekayo uvama ukuphambeka.
Verse 23: Ukuzidla komuntu kuyamthobisa, kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.
Verse 24: Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe; uyezwa isifungo, kepha akasidaluli.
Verse 25: Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.
Verse 26: Abaningi bafuna ubuso bombusi, kepha ukwahlulelwa komuntu kuvela kuJehova.
Verse 27: Umuntu owonakeleyo uyisinengiso kwabalungileyo, noqotho endleleni uyisinengiso komubi.