Proverbs - Chapter 13

Verse 1: Indodana ehlakaniphileyo iyalaywa nguyise, kepha isideleli asilaleli ukukhuzwa.

Verse 2: Umuntu uyadla okuhle ngesithelo somlomo wakhe, kepha umphefumulo wabambuluzayo uyadla ubudlwangudlwangu.

Verse 3: Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe; okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.

Verse 4: Umphefumulo wevila uyafisa, ungatholi lutho, kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakhuluphaliswa.

Verse 5: Olungileyo uyazonda amazwi amanga, kepha omubi ubanga amahloni, ahlazise.

Verse 6: Ukulunga kuyamlondoloza ondlela yakhe iphelele, kepha ububi buyachitha isoni.

Verse 7: Kukhona ozishaya ocebileyo, engenalutho kodwa; kukhona ozishaya ompofu, enemfuyo enkulu.

Verse 8: Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe, kepha ompofu akezwa ukukhuzwa.

Verse 9: Ukukhanya kwabalungileyo kuyathokoza, kepha izibani zababi ziyacimeka.

Verse 10: Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela, kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.

Verse 11: Imfuyo etholakala kalula iyancipha, kepha obutha kancane kancane uyandiselwa.

Verse 12: Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo; isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.

Verse 13: Odelela izwi uzehlisela ukubhujiswa, kepha owesaba imiyalo uyakuvuzwa.

Verse 14: Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila, ukuze kudedwe ezihibeni zokufa.

Verse 15: Ukuqonda kahle kuveza umusa, kepha indlela yabambuluzayo ilukhuni.

Verse 16: Bonke abaqondileyo basebenza ngokwazi, kepha isiwula sihlakaza ubuwula.

Verse 17: Isithunywa esibi siwela ebubini, kepha isigijimi esithembekileyo siyimpiliso.

Verse 18: Ubumpofu nehlazo kukuye onqaba ukulaywa, kepha onaka ukusolwa uyadunyiswa.

Verse 19: Isifiso esigcwalisiweyo simnandi emphefumulweni, kepha ukudeda ebubini kuyisinengiso kuzo iziwula.

Verse 20: Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.

Verse 21: Ububi bulandela izoni, kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle.

Verse 22: Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa, kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.

Verse 23: Emqathweni wabampofu kukhona ukudla okuningi, kepha kukhona okuchithwa ngenxa yokungalungi.

Verse 24: Oyeka uswazi uyazonda indodana yakhe, kepha oyithandayo uyayilaya ngesineke.

Verse 25: Olungileyo uyadla uze usuthe umphefumulo wakhe, kepha isisu sababi siyaswela.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories