Proverbs - Chapter 5

Verse 1: Ndodana yami, lalela ukuhlakanipha kwami, ubeke indlebe yakho ekuqondeni kwami

Verse 2: ukuba ugcine amasu, nezindebe zakho zilonde ukwazi.

Verse 3: Ngokuba izindebe zowesifazane ondindayo ziconsa izinyosi; umlomo wakhe ubushelezi kunamafutha.

Verse 4: Kepha ekugcineni umunyu njengomhlonyane, ubukhali njengenkemba enezinhlangothi ezimbili.

Verse 5: Izinyawo zakhe ziyehlela ekufeni; izinyathelo zakhe zibambelela endaweni yabafileyo.

Verse 6: Akanaki umkhondo wokuphila; imikhondo yakhe iyaguquguquka, engazi.

Verse 7: Ngalokho, madodana ami, ngizweni, ningachezuki emazwini omlomo wami.

Verse 8: Dedisela kude naye indlela yakho, ungasondeli emnyango wendlu yakhe,

Verse 9: funa unike abanye udumo lwakho, naye ononya iminyaka yakho,

Verse 10: funa abezizwe basuthe ngamandla akho, umshikashika wakho ube sendlini yomfokazi,

Verse 11: uze ububule ekugcineni, lapho umzimba wakho nenyama yakho kuqediwe,

Verse 12: ngokuthi: “Yeka ukuzonda kwami ukulaywa nokudelela kwenhliziyo yami ukusolwa!

Verse 13: Angilalelanga izwi labafundisi bami, angibekanga indlebe yami kubo abangifundisayo.

Verse 14: Ngacishe ngaba sebubini bonke phakathi kwebandla nasemhlanganweni.”

Verse 15: Phuza amanzi emgodini wakho, amanzi agobhozayo emthonjeni wakho.

Verse 16: Imithombo iyaphalala ngaphandle yini, nemifula yamanzi ezigcawini, na?

Verse 17: Mayibe ngeyakho wena wedwa, ingabi ngeyabafokazi kanye nawe.

Verse 18: Mawubusiswe umthombo wakho, uthokoze ngomfazi wobusha bakho.

Verse 19: Uyindluzelekazi ethandayo negogokazi elihle; amabele akhe mawakudelise ngesikhathi sonke, weqiwe njalo luthando lwakhe.

Verse 20: Ubuyakweqelwani ngowesifazane ondindayo, ndodana yami, ugone isifuba somfokazi, na?

Verse 21: Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaNkulunkulu; uyenza yonke imikhondo yakhe ukuba ilingane.

Verse 22: Omubi uyakubanjwa ngububi bakhe, abhajwe ngezintambo zezono zakhe.

Verse 23: Uyakufa yena ngokuswela ukulaywa, nangobuningi bobuwula bakhe uyakuduka.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories