1 Timothy - Chapter 5

Verse 1: Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, namadoda amasha njengabafowenu,

Verse 2: abesifazane abadala njengawonyoko, nabesifazane abasha njengawodadewenu ngenhlanzeko epheleleyo.

Verse 3: Yazisa abafelokazi abangabafelokazi ngoqobo.

Verse 4: Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu.

Verse 5: Lowo ongumfelokazi ngoqobo osele eyedwa uthembele kuNkulunkulu, uhlala ekunxuseni nasekukhulekeni ubusuku nemini,

Verse 6: kepha lowo ozinikela ekutamaseni ufile esekhona.

Verse 7: Yala ngalezo zinto, ukuze bangabi nokusoleka.

Verse 8: Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.

Verse 9: Makangafakwa esibalweni umfelokazi, uma engaphansi kweminyaka engamashumi ayisithupha, owabe ngumfazi wendoda inye,

Verse 10: ebongwa ngemisebenzi emihle, uma ondlile abantwana, uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esizile abahluphekayo, uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.

Verse 11: Kepha abafelokazi abasha ubenqabe; ngokuba uma sebetamasile bedela uKristu, bafuna ukugana;

Verse 12: banokulahlwa, ngokuba bechithile ukukholwa kwabo kokuqala.

Verse 13: Futhi-ke bafunda nokuvilapha, bezula izindlu ngezindlu, bengavilaphi kuphela, kepha behleba, bezigaxa ngokungekwabo, bekhuluma okungafanele.

Verse 14: Ngakho-ke ngithanda ukuba abafelokazi abasha bagane, bazale abantwana, baphathe indlu yabo, bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.

Verse 15: Ngokuba nakalokhu abanye sebechezukele kuSathane.

Verse 16: Uma owesifazane okholwayo enabafelokazi, makabasize, ibandla lingasindwa, ukuze lisize abafelokazi boqobo.

Verse 17: Amalunga aphatha kahle akuthiwe afanele ukutuswa ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo akhuthalela izwi nokufundisa.

Verse 18: Ngokuba umbhalo uthi: “Ungayifaki isifonyo inkabi ebhulayo,” futhi: “Isisebenzi siyifanele inkokhelo yaso.”

Verse 19: Icala eliqondene nelunga ungalemukeli, kungekho ofakazi ababili noma abathathu.

Verse 20: Abonayo ubasole phambi kwabo bonke, ukuze nabanye besabe.

Verse 21: Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu nezingelosi ezikhethiweyo ukuba ulonde lezo zinto ngokungazinqumeli, ungenzi lutho ngokukhetha.

Verse 22: Ungasheshi ubeke izandla noma kubani, futhi ungahlanganyeli izono zabanye, uzigcine ube mhlophe.

Verse 23: Ungabe usaphuza amanzi odwa, kepha phuza iwayini eliyingcosana ngenxa yesisu sakho nobuthakathaka bakho obuvamileyo.

Verse 24: Izono zabanye abantu zisobala, zibandulela ekwahlulelweni; kepha abanye ziyabalandela. 5:24 Gal. 5:19.

Verse 25: Ngokunjalo nemisebenzi emihle isobala; naleyo engenjalo ingesitheke.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories