Verse 1: UJona wakhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe esezibilinini zenhlanzi,
Verse 2: wathi: “Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula; ngisesiswini sendawo yabafileyo ngamemeza, wezwa izwi lami.
Verse 3: Wangiphonsa ekujuleni, enhliziyweni yolwandle, umfula wangihaqa; onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami.
Verse 4: Ngathi mina: ‘Ngixoshiwe emehlweni akho;’ nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele.
Verse 5: Amanzi angihaqa kwaze kwaba nasekuphileni kwami, utwa lwangikaka. Umhlanga wathandela ekhanda lami.
Verse 6: Ngehla ngasemikhawulweni yezintaba; imigoqo yomhlaba yayisemva kwami kuze kube phakade. Kepha wakhuphula ukuphila kwami egodini, Jehova Nkulunkulu wami.
Verse 7: “Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami, ngamkhumbula uJehova; umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele.
Verse 8: “Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo.
Verse 9: Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa, ngigcwalise engikuthembisileyo. Ukusindiswa kukuye uJehova.”
Verse 10: UJehova wakhuluma kuyo inhlanzi, yamhlanzela uJona emhlabathini owomileyo.