Verse 1: Khumbula, Jehova, esehlelwe yikho; bheka, ubone ihlazo lethu.
Verse 2: Ifa lethu seliphendulelwe abafokazi, nezindlu zethu kwabezizwe.
Verse 3: Siyizintandane, asinababa; omame banjengabafelokazi.
Verse 4: Amanzi ethu siyawaphuza ngemali, izinkuni zethu ziza ngentengo.
Verse 5: Abasixoshayo basezintayeni zethu; sikhathele, asinakuphumula.
Verse 6: Sinike isandla sethu kulo iGibithe nakulo i-Asiriya ukuba sisuthe isinkwa.
Verse 7: Obaba bona abasekho; thina sithwala ububi babo.
Verse 8: Izigqila ziyasibusa; akakho osikhulula esandleni sabo.
Verse 9: Sithola ukudla kwethu ngokuzidela amathambo ngenxa yenkemba yasehlane.
Verse 10: Isikhumba sethu siyasha njengeziko ngokushisa kwendlala.
Verse 11: Balala nabesifazane eSiyoni, izintombi zasemizini yakwaJuda.
Verse 12: Izikhulu zaphanyekwa ngezandla zabo; ubuso babadala ababuhloniphanga.
Verse 13: Izinsizwa zathwala amatshe okugaya, abantwana bakhubeka phansi kwezinkuni.
Verse 14: Abadala baphelile esangweni, nezinsizwa ekuhlabeleleni kwazo.
Verse 15: Intokozo yenhliziyo yethu iphelile; ukusina kwethu kuphenduke ukulila.
Verse 16: Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye kithina, ngokuba sonile!
Verse 17: Ngalokho inhliziyo yethu idangele; ngalezi zinto amehlo ethu afiphele,
Verse 18: ngenxa yentaba yaseSiyoni echithekile, zize zihambe kuyo izimpungushe.
Verse 19: Wena Jehova umi phakade; isihlalo sakho sobukhosi sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane.
Verse 20: Usikhohlelwani kuze kube phakade, usishiye izinsuku eziningi, na?
Verse 21: Sibuyisele kuwe Jehova, siyakubuya; yenza izinsuku zethu zibe zintsha njengasendulo,
Verse 22: ngokuba usilahlile nokusilahla, wasithukuthelela kakhulu.