Song of Solomon - Chapter 2

Verse 1: Ngiyintebe yaseSharoni, nomnduze wezigodi.

Verse 2: Njengomnduze phakathi kwameva, sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintombi.

Verse 3: Njengomapula phakathi kwemithi yasehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.

Verse 4: Ungingenisile endlini yewayini, nebhandela lakhe phezu kwami liluthando.

Verse 5: Ngiphaseni ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo, ngihlumelele ngama-apula, ngokuba ngiyafa uthando.

Verse 6: Isandla sakhe sokhohlo siphansi kwekhanda lami, nesokunene siyangigona.

Verse 7: Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi.

Verse 8: Nanto izwi lothandiweyo wami! Bheka, uyeza eqa ezintabeni, etshekula emagqumeni.

Verse 9: Othandiweyo wami unjengensephe noma njengesixhumu sendluzele; bheka, umi emva kodonga lwakwethu; uyalunguza emafasiteleni, ubonakala ngaseheleni.

Verse 10: Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi: “Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami; woza sihambe,

Verse 11: ngokuba bheka, ubusika budlulile; imvula isiphelile, yamuka;

Verse 12: izimbali ziyabonakala emhlabeni, nesikhathi sokuthena imivini sesisondele, nezwi lehobhe liyezwakala ezweni lakithi.

Verse 13: Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza, imivini inezimbali, ithaphuka iphunga layo; vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami; woza sihambe.”

Verse 14: Juba lami elisemifantwini yamadwala nasekusithekeni kweziwa, mangibone ubuso bakho, ngizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nobuso bakho buhle.

Verse 15: Sibambeleni izimpungushe, izimpungushe ezincane ezichitha izivini, ngokuba izivini zethu zinezimbali.

Verse 16: Othandiweyo wami ungowami, mina ngingowakhe; uyalusa phakathi kweminduze.

Verse 17: Kuze kuphole ilanga, namathunzi abaleke, mawube njengensephe, wena othandiweyo wami, nanjengesixhumu sendluzele ezintabeni eziqhekezekileyo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories