Verse 1: U-Ahazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise,
Verse 2: kepha wahamba ngezindlela zamakhosi akwa-Israyeli, wenzela oBali izithombe ezibunjiweyo.
Verse 3: Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa abantwana bakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
Verse 4: Wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo, nasemagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.
Verse 5: UJehova uNkulunkulu wakhe wayesemnikela esandleni senkosi yase-Aramu, bamshaya, bathumba kuye isixuku esikhulu sabathunjwa, babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwa-Israyeli eyamshaya ngokushaya okukhulu.
Verse 6: Ngokuba uPheka indodana kaRemaliya wabulala kwaJuda izinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ngalusuku lunye, bonke bengamadoda anamandla, ngokuba bebeshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise.
Verse 7: UZikiri, iqhawe lakwa-Efrayimi, wabulala uMahaseya, indodana yenkosi, no-Azirikamu umbusi wendlu, no-Elkana owelama inkosi.
Verse 8: Abantwana bakwa-Israyeli bathumba kubafowabo izinkulungwane ezingamakhulu amabili, abesifazane, namadodana, namadodakazi, besusa kubo nempango eningi, beyiyisa impango eSamariya.
Verse 9: Kepha kwakukhona lapho umprofethi kaJehova ogama lakhe lalingu-Odedi; waphuma ukuhlangabeza impi eyayiza eSamariya, wathi kubo: “Bhekani, ngokuba uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wayethukuthelele uJuda, wabanikela esandleni senu, kepha nina nibabulele ngokufutha okufinyelele nasezulwini.
Verse 10: Manje-ke nithi niyakunyathela phansi abantwana bakwaJuda nabaseJerusalema babe yizigqila nezigqilakazi zenu. Kepha aniyikuba necala kuJehova uNkulunkulu wenu ngalokho kuphela na?
Verse 11: Ngalokho ngizweni, nibuyise abathunjwa enibathumbile kubafowenu, ngokuba ulaka olushisayo lukaJehova luphezu kwenu.”
Verse 12: Kwase kusukuma abezinhloko zabantwana bakwa-Efrayimi, u-Azariya indodana kaJohanani, noBerekiya indodana kaMeshilemoti, noJehizikiya indodana kaShalumi, no-Amasa indodana kaHadilayi, bamelana nabaphuma empini,
Verse 13: bathi kubo: “Ningabangenisi abathunjwa lapha, ngokuba nicabanga okuyakuba yicala lethu kuJehova ukuba kwenezele ezonweni zethu nasecaleni lethu, ngokuba icala lethu selilikhulu namanje; ulaka olushisayo luphezu kuka-Israyeli.”
Verse 14: Abahlomileyo base bebashiya abathunjwa nempango phambi kwezikhulu nebandla lonke.
Verse 15: Namadoda abizwe ngamagama ayesesukuma, abathatha abathunjwa, abembathisa impango bonke ababehamba ze, abembathisa, abafaka izicathulo, abapha ukudla, abaphuzisa, abagcoba, abakhweza ezimbongolweni bonke ababebuthakathaka, abayisa eJeriko umuzi wamasundu kubafowabo; ayesebuyela eSamariya.
Verse 16: Ngaleso sikhathi inkosi u-Ahazi yathumela emakhosini ase-Asiriya ukuba ayisize.
Verse 17: Ngokuba phezu kwakho konke babefikile abakwa-Edomi, bashaya uJuda, bathumba abathunjwa.
Verse 18: NamaFilisti ayengenele imizi yasehlanzeni neyaseningizimu yakwaJuda, athatha iBeti Shemeshi, ne-Ajaloni, neGederoti, neSoko kanye nemizana yalo, neThimna nemizana yalo, neGimizo nemizana yalo; ahlala khona.
Verse 19: Ngokuba uJehova wathobisa uJuda ngenxa ka-Ahazi inkosi yakwa-Israyeli, ngokuba wayedlubulundile kwaJuda, waphambuka nokuphambuka kuJehova.
Verse 20: Wayesefika kuye uThiligati Philineseri inkosi yase-Asiriya, wamhlupha, akamqinisanga.
Verse 21: Ngokuba u-Ahazi waphanga indlu kaJehova nendlu yenkosi neyezikhulu, wakunika inkosi yase-Asiriya, kepha akumsizanga.
Verse 22: Ngesikhathi sokuhlupheka kwakhe waqhubeka ekuphambukeni kuJehova, yona leyo nkosi u-Ahazi.
Verse 23: Wahlabela onkulunkulu baseDamaseku ababemshayile, wathi: “Ngokuba onkulunkulu bamakhosi ase-Aramu bawasiza, ngiyakubahlabela ukuba bangisize nami.” Kepha baba yisikhubekiso kuye nakuye wonke u-Israyeli.
Verse 24: U-Ahazi waqoqa izinto zendlu kaNkulunkulu, wazihlahlela izinto zendlu kaNkulunkulu, wavala izivalo zendlu kaJehova, wazenzela ama-altare emagumbini onke aseJerusalema.
Verse 25: Nakuyo yonke imizi yakwaJuda, imizi ngemizi, wenza izindawo eziphakemeyo zokuba ashisele abanye onkulunkulu impepho, wamcunula uJehova uNkulunkulu wawoyise.
Verse 26: Ezinye izindaba zakhe nazo zonke izindlela zakhe, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli.
Verse 27: U-Ahazi wayeselala koyise; bammbela emzini, iJerusalema, ngokuba abamyisanga emathuneni amakhosi akwa-Israyeli; uHezekiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.