Verse 1: UJehoshafati indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe, waziqinisa ukulwa no-Israyeli.
Verse 2: Wabeka amabutho emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda, wabeka amakhanda ezweni lakwaJuda, nasemizini yakwa-Efrayimi u-Asa uyise ayithathileyo.
Verse 3: UJehova wayenaye uJehoshafati, ngokuba wahamba ngezindlela zokuqala zikayise uDavide, akafunanga oBali,
Verse 4: kepha wafuna uNkulunkulu kayise, wahamba ngemiyalo yakhe, kungengakwenza kuka-Israyeli.
Verse 5: Ngalokho uJehova wawuqinisa umbuso esandleni sakhe; wonke uJuda wathela intela kuJehoshafati, wayenengcebo nodumo olukhulu.
Verse 6: Inhliziyo yakhe yaphakanyiswa ezindleleni zikaJehova; futhi wasusa izindawo eziphakemeyo nawo-Ashera kwaJuda.
Verse 7: Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwakhe wathuma izikhulu zakhe oBeni Hayili, no-Obadiya, noZakariya, noNethaneli, noMikhaya ukuba zifundise emizini yakwaJuda,
Verse 8: zinamaLevi oShemaya, noNethaniya, noZebadiya, no-Asaheli, noShemiramoti, noJehonathani, no-Adoniya, noThobiya, noThobi Adoniya, amaLevi, beno-Elishama noJehoramu, abapristi.
Verse 9: Base befundisa kwaJuda benencwadi yomthetho kaJehova; bazungeza baya emizini yonke yakwaJuda, bafundisa phakathi kwabantu.
Verse 10: Kwehlela ingebhe ngoJehova phezu kwayo yonke imibuso yamazwe eyayinxazonke zakwaJuda, ayilwanga noJehoshafati.
Verse 11: AmaFilisti athile aletha izipho kuJehoshafati, nesiliva lentela; nabase-Arabiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa nezimpongo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa.
Verse 12: UJehoshafati wayelokhu ekhula njalo, waze waba mkhulu kakhulu; wakha izinqaba nemizi yokubekelela kwaJuda.
Verse 13: Wayenemisebenzi eminingi emizini yakwaJuda kanye namadoda empi, amaqhawe anamandla, eJerusalema.
Verse 14: Nakhu ukubalwa kwabo njengezindlu zawoyise: kwaJuda: izinduna zezinkulungwane: ngu-Adina induna, enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amathathu;
Verse 15: emva kwakhe kwakunguJehohanani induna, enezinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihiyagalombili;
Verse 16: emva kwakhe kwakungu-Amasiya indodana kaZikiri, owazinikela ngenhliziyo kuJehova, enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amabili;
Verse 17: kwaBenjamini: ngu-Eliyada, iqhawe elinamandla, enabahlome iminsalo nezihlangu abayizinkulungwane ezingamakhulu amabili;
Verse 18: emva kwakhe kwakunguJehozabadi, enabahlomele impi abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.
Verse 19: Yilabo ababekhonza inkosi ngaphandle kwalabo inkosi eyababeka emizini ebiyelweyo kulo lonke lakwaJuda.