2 Chronicles - Chapter 24

Verse 1: UJowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema; igama likanina lalinguSibiya waseBeri Sheba.

Verse 2: UJowashi wenza okulungile emehlweni kaJehova zonke izinsuku zikaJehoyada umpristi.

Verse 3: UJehoyada wamthathela abafazi ababili; wazala amadodana namadodakazi.

Verse 4: Kwathi emva kwalokho kwakusenhliziyweni kaJowashi ukuvusa indlu kaJehova.

Verse 5: Wabutha abapristi namaLevi, wathi kubo: “Phumani niye emizini yakwaJuda, niqoqe ku-Israyeli wonke imali yokulungisa indlu kaNkulunkulu wenu iminyaka ngeminyaka, niyisheshise le ndaba.” Kepha amaLevi awasheshanga.

Verse 6: Inkosi yayisibiza uJehoyada inhloko, yathi kuye: “Awubizanga ngani kumaLevi ukuba alethe kwaJuda naseJerusalema intela kaMose inceku kaJehova neyebandla lika-Israyeli, ibe ngeyetende lobufakazi na?”

Verse 7: Ngokuba amadodana ka-Athaliya, owesifazane lowo omubi, ayeyichithile indlu kaNkulunkulu, nezinto zonke ezingcwele zendlu kaJehova azenza ukuba zibe ngezikaBali.

Verse 8: Yayisikhuluma inkosi, benza umphongolo, bawubeka ngaphandle ngasesangweni lendlu kaJehova.

Verse 9: Kwase kumenyezelwa kwaJuda naseJerusalema ukuba balethe kuJehova intela uMose inceku kaNkulunkulu ayibeke phezu kuka-Israyeli ehlane.

Verse 10: Zonke izikhulu nabo bonke abantu bathokoza, bayiletha, bayiphonsa emphongolweni, baze baqeda.

Verse 11: Kwathi ngesikhathi umphongolo owayiswa ngaso ezinduneni zenkosi ngesandla samaLevi, nalapho zibona ukuthi imali iningi, umbhali wenkosi nenduna yompristi omkhulu beza, bawuthulula umphongolo, bawuthatha, bawubuyisela endaweni yawo. Benze njalo imihla ngemihla, baqoqa imali eningi.

Verse 12: Inkosi noJehoyada bayinika abenza umsebenzi wenkonzo endlini kaNkulunkulu, baqasha abakhi nababazi ukuvusa indlu kaJehova, nabasebenza ngensimbi nethusi ukuba baqinise indlu kaJehova.

Verse 13: Zase zisebenza-ke izisebenzi, zalungisa zaqeda ngezandla zazo, zayimisa indlu kaNkulunkulu ngezilinganiso zayo, zayiqinisa.

Verse 14: Sebeqedile baletha imali eseleyo phambi kwenkosi noJehoyada, benza ngayo izitsha zendlu kaJehova, izitsha zokukhonzela nezokunikelela, nezinkezo, nezinye izitsha zegolide nezesiliva. Banikela ngeminikelo yokushiswa endlini kaJehova njalo zonke izinsuku zikaJehoyada.

Verse 15: Kodwa uJehoyada waguga, wafa esanelisiwe yizinsuku; wayeneminyaka eyikhulu namashumi amathathu ekufeni kwakhe.

Verse 16: Bammbela emzini kaDavide phakathi kwamakhosi, ngokuba wayenze okuhle kwa-Israyeli, nakuNkulunkulu, nasendlini yakhe.

Verse 17: Emva kokufa kukaJehoyada kwafika izikhulu zakwaJuda, zakhuleka enkosini; khona inkosi yazilalela.

Verse 18: Bayishiya indlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, bakhonza o-Ashera nezithombe; uJuda neJerusalema kwehlelwa yintukuthelo ngaleli cala labo.

Verse 19: Kepha wathuma abaprofethi kubo ukuba bababuyisele kuJehova; babaxwayisa, kepha kababekanga ndlebe.

Verse 20: UMoya kaNkulunkulu wembesa uZakariya indodana kaJehoyada umpristi; wema ngaphezu kwabantu, wathi kubo: “Usho kanje uNkulunkulu, uthi: ‘Neqelani imiyalo kaJehova ukuba ningabi nampumelelo na? Ngokuba nimshiyile uJehova, naye unishiyile nina.’ ”

Verse 21: Bamenzela ugobe, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.

Verse 22: UJowashi, inkosi, akakhumbulanga umusa uJehoyada amenzele wona, wabulala indodana yakhe. Ekufeni kwakhe wathi: “UJehova makakubone lokhu, akuphindisele.”

Verse 23: Kwathi ngasekupheleni komnyaka impi yase-Aramu yakhuphukela kuye, yafika kwaJuda naseJerusalema, yabhubhisa zonke izikhulu zabantu phakathi kwabantu, yathuma yonke impango yazo enkosini yaseDamaseku.

Verse 24: Ngokuba impi yase-Aramu yafika neviyo elincane labantu, nokho uJehova wanikela impi enkulu kakhulu esandleni sabo, ngokuba babemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise. Base bemahlulela uJowashi.

Verse 25: Lapho sebemukile kuye ngokuba bamshiya egula kakhulu izinceku zakhe zamenzela ugobe ngenxa yegazi lamadodana kaJehoyada umpristi, zambulala embhedeni wakhe, wafa; bammbela emzini kaDavide, kodwa abammbelanga emathuneni amakhosi.

Verse 26: Nampa ababemenzela ugobe: nguZabadi indodana kaShimeyati umAmonikazi noJehozabadi indodana kaShimriti umMowabikazi.

Verse 27: Ngamadodana akhe, nangobukhulu bemithwalo phezu kwakhe, nangokuvuswa kwendlu kaNkulunkulu, bheka, kulotshiwe esichasiselweni sencwadi yamakhosi. U-Amasiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories