2 Chronicles - Chapter 7

Verse 1: USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.

Verse 2: Abapristi babengenakungena endlini kaJehova, ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova.

Verse 3: Lapho abantwana bakwa-Israyeli bebona ukwehla komlilo, nenkazimulo kaJehova iphezu kwendlu, bakhothama phansi ngobuso phezu kwendawo egandaywe ngamatshe, bakhuleka, babonga uJehova, ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade.

Verse 4: Inkosi nabo bonke abantu base benikela ngomhlatshelo phambi kukaJehova.

Verse 5: Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili. Inkosi nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova.

Verse 6: Abapristi bema njengezikhundla zabo kanye namaLevi, benezinto zokubethwa ayezenzile uDavide inkosi ukuba babonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade, lapho uDavide edumisa ngezandla zabo; abapristi bakhalisa amacilongo ngaphambi kwabo, esemi wonke u-Israyeli.

Verse 7: USolomoni wangcwelisa ingaphakathi legceke elalingaphambi kwendlu kaJehova, ngokuba wanikela lapho ngeminikelo yokushiswa namanoni eminikelo yokuthula, ngokuba i-altare lethusi ayelenzile uSolomoni lalingenakwanela umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni.

Verse 8: USolomoni wagubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi izinsuku eziyisikhombisa, wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu kakhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze kube semfuleni waseGibithe.

Verse 9: Ngosuku lwesishiyagalombili benza umhlangano ozothileyo ngokuba ukuhlanjululwa kwe-altare bakwenza izinsuku eziyisikhombisa nomkhosi izinsuku eziyisikhombisa.

Verse 10: Ngosuku lwamashumi amabili nantathu lwenyanga yesikhombisa wabamukisa abantu baya ematendeni abo, bethokoza benezinhliziyo ezenamileyo ngobuhle uJehova abenzele oDavide noSolomoni no-Israyeli abantu bakhe.

Verse 11: USolomoni waqeda-ke indlu kaJehova nendlu yenkosi; konke okwangena enhliziyweni kaSolomoni ukukwenza endlini kaJehova nasendlini yakhe, wakuphumelelisa.

Verse 12: UJehova wabonakala kuSolomoni, wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizikhethele le ndawo ukuba ibe yindlu yomhlatshelo.

Verse 13: “Uma ngivala izulu ukuba kungabikho mvula, noma ngiyaleza isikhonyane ukuba sidle izwe, noma ngithuma isifo phakathi kwabantu bami,

Verse 14: bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.

Verse 15: Manje amehlo ami ayakuvuleka, izindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo.

Verse 16: Manje sengiyikhethile ngayingcwelisa le ndlu ukuba igama lami libe khona lapho kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona lapho isikhathi sonke.

Verse 17: “Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njengokuhamba kukaDavide uyihlo, wenze njengakho konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami,

Verse 18: ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho njengesivumelwano sami noDavide uyihlo ngokuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe ukuba kungabikho mbusi kwa-Israyeli.’

Verse 19: “Kepha uma nibuya, nishiye izimiso zami nemiyalo yami engikubeke phambi kwakho, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,

Verse 20: ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona, nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, ngiyenze isaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke.

Verse 21: Le ndlu ephakeme kangaka, yilowo nalowo odlula kuyo uyakumangala athi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’

Verse 22: Bayakuphendula bathi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, babambelela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho ubehlisele konke lokho okubi.’ ”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories