2 Chronicles - Chapter 9

Verse 1: Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni yeza ukumvivinya uSolomoni eJerusalema ngezimfumbe, inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha, negolide eliningi, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.

Verse 2: USolomoni wayiphendula ezindabeni zayo zonke; kwakungekho nto eyayifihlelwe uSolomoni angayitshelanga yona.

Verse 3: Inkosikazi yaseSheba isibonile ukuhlakanipha kukaSolomoni, nendlu ayakhileyo,

Verse 4: nokudla kwasetafuleni lakhe, nokuhlala kwezinceku zakhe, nokuma kwezikhonzi zakhe, nezambatho zazo, kanye nabaphathizitsha nezambatho zabo, nesikhwelo sakhe akhuphukela ngaso endlini kaJehova, akwabe kusabakho moya kuyo.

Verse 5: Yathi enkosini: “Yayiqinisile indaba engayizwa ezweni lami ngamazwi akho nangokuhlakanipha kwakho.

Verse 6: Kepha angikholwanga ngamazwi abo, ngaze ngafika, kwabona amehlo ami; bheka, angitshelwanga nanxenye yobukhulu bokuhlakanipha kwakho; uyadlula udumo engaluzwayo.

Verse 7: Babusiswe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho.

Verse 8: Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sakhe sobukhosi ukuba ube yinkosi kuJehova uNkulunkulu wakho; ngokuba uNkulunkulu wakho wamthanda u-Israyeli waze wammisa kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi phezu kwabo ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.”

Verse 9: Yanika inkosi amatalenta ayikhulu namashumi amabili egolide, namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; awazange abe khona amakha anjengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.

Verse 10: Izinceku zikaHiramu nezinceku zikaSolomoni ezabuya negolide e-Ofiri zaletha imi-alimugi namatshe ayigugu.

Verse 11: Ngemi-alimugi inkosi yenzela indlu kaJehova nendlu yenkosi izikhwelo, kanye namahabhu, nezingubhu zabahlabeleli; akuzange kubonwe phambili okunjengakho ezweni lakwaJuda.

Verse 12: Inkosi uSolomoni yanika inkosikazi yaseSheba konke ekufunayo nekucelayo ngaphandle kwalokho ebikulethele inkosi. Yayisibuya, yaya ezweni layo, yona nezinceku zayo.

Verse 13: Isisindo segolide elafika kuSolomoni iminyaka yonke sasingamatalenta angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha egolide

Verse 14: ngaphandle kokuvela kubahwebi nabathengisi; onke amakhosi ase-Arabiya nababusi bezwe baletha igolide nesiliva kuSolomoni.

Verse 15: Inkosi uSolomoni yenza izihlangu ezingamakhulu amabili zegolide elikhandiweyo, kwaba ngamashekeli angamakhulu ayisithupha egolide elikhandiweyo kuso isihlangu sinye,

Verse 16: kanjalo nezihlangu ezingamakhulu amathathu egolide elikhandiweyo, amashekeli angamakhulu amathathu egolide kuso isihlangu sinye; inkosi yazibeka endlini yehlathi laseLebanoni.

Verse 17: Inkosi yenza nesihlalo sobukhosi esikhulu sezimpondo zendlovu, yasinameka ngegolide elicwengekileyo.

Verse 18: Isihlalo sobukhosi sasinezikhwelo eziyisithupha, sinesenabelo segolide esasinamathelisiwe esihlalweni sobukhosi, nemikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili ngaseceleni kwemikhono.

Verse 19: Kwakumi izingonyama eziyishumi nambili ngalapha nangalapha ezikhwelweni eziyisithupha. Okunjalo akwenziwanga komunye umbuso.

Verse 20: Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zaziyigolide, nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zaziyigolide elicwengekileyo, isiliva lingento yalutho emihleni kaSolomoni.

Verse 21: Ngokuba inkosi yayinemikhumbi eyaya eTharishishi kanye nezinceku zikaHiramu; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezimfene, namapikoko.

Verse 22: Inkosi uSolomoni yaba nkulu kunawo onke amakhosi omhlaba ngengcebo nangokuhlakanipha.

Verse 23: Onke amakhosi omhlaba afuna ubuso bukaSolomoni ukuba ezwe ukuhlakanipha kwakhe, uNkulunkulu akubekile enhliziyweni yakhe.

Verse 24: Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe, izitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi, okwenziwa iminyaka ngeminyaka.

Verse 25: USolomoni wayenezipani eziyizinkulungwane ezine zamahhashi nezinqola, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, owababeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.

Verse 26: Wabusa phezu kwawo onke amakhosi kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe.

Verse 27: Inkosi yenza isiliva livame eJerusalema njengamatshe, nemisedari yayenza ibe njengemithombe ehlanzeni ngobuningi.

Verse 28: Bamlethela uSolomoni amahhashi evela eGibithe nasemazweni onke.

Verse 29: Ezinye izindaba zikaSolomoni, ezokuqala nezokugcina, angithi zilotshiwe ezindabeni zikaNathani umprofethi, nasesiprofethweni sika-Ahiya waseShilo, nasemibonweni ka-Ido umboni ngoJerobowamu indodana kaNebati na?

Verse 30: USolomoni wabusa eJerusalema phezu kuka-Israyeli wonke iminyaka engamashumi amane.

Verse 31: USolomoni wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide uyise; uRehobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories