Verse 1: Abantu bezwe bathatha uJehowahazi indodana kaJosiya, bambeka inkosi esikhundleni sikayise.
Verse 2: UJehowahazi wayeneminyaka engamashumi amabili nantathu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema.
Verse 3: Inkosi yaseGibithe yamsusa eJerusalema, yathelisa izwe amatalenta ayikhulu esiliva netalenta legolide.
Verse 4: Inkosi yaseGibithe yabeka u-Eliyakimi umfowabo inkosi kwaJuda naseJerusalema, yaguqula igama lakhe labanguJehoyakimi. UNekho wathatha uJehowahazi umfowabo, wamyisa eGibithe.
Verse 5: UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; wenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.
Verse 6: Kwenyukela kuye uNebukadinesari inkosi yaseBabele, wambopha ngamaketanga ukuba amyise eBabele.
Verse 7: UNebukadinesari wayisa ezinye izitsha zendlu kaJehova eBabele, wazibeka ethempelini lakhe eBabele.
Verse 8: Ezinye izindaba zikaJehoyakimi, nezinengiso azenzayo, nokunye okufumaniseke kuye, bheka, kulotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nakwaJuda; uJehoyakini indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Verse 9: UJehoyakini wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu nezinsuku eziyishumi eJerusalema; wenza okubi emehlweni kaJehova.
Verse 10: Ekuqaleni komnyaka inkosi uNebukadinesari yathumela yamletha eBabele kanye nezitsha ezinxanelekayo zendlu kaJehova, yabeka uSedekiya, umfowabo, inkosi kwaJuda naseJerusalema.
Verse 11: USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema.
Verse 12: Wenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe; akazithobanga phambi kukaJeremiya umprofethi womlomo kaJehova.
Verse 13: Wayihlubuka inkosi uNebukadinesari eyayimfungisile uJehova, wenza lukhuni intamo yakhe, wenza lukhuni nenhliziyo yakhe ukuba ingaphendukeli kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
Verse 14: Zonke izikhulu zabapristi nabantu baphambuka kakhulu ngezinengiso zabezizwe, bayingcolisa indlu kaJehova ayingcwelisileyo eJerusalema.
Verse 15: UJehova uNkulunkulu wawoyise wathuma kubo ngezandla zezithunywa zakhe, ethuma njalonjalo, ngokuba wahawukela abantu bakhe nendawo yakhe yokuhlala;
Verse 16: kepha baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe, yaze yavuka intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabakho ukwelashwa.
Verse 17: Ngalokho wabehlisela inkosi yamaKaledi eyabulala izinsizwa zabo ngenkemba endlini yabo engcwele, ayihawukelanga nansizwa, nantombi, naxhegu, nogugileyo; wabanikela bonke esandleni sayo.
Verse 18: Zonke izitsha zendlu kaNkulunkulu, ezinkulu nezincane, nengcebo yendlu kaJehova, nengcebo yenkosi neyezikhulu zayo, konke lokho wakuyisa eBabele.
Verse 19: Bayishisa indlu kaNkulunkulu, baludiliza ugange lwaseJerusalema, bazishisa zonke izinqaba ngomlilo, bazichitha zonke izitsha ezinxanelekayo zakhona.
Verse 20: Abasele enkembeni wabathumbela eBabele; baba yizinceku zakhe nezamadodana akhe, kwaze kwabusa umbuso wasePheresiya
Verse 21: ukuba ligcwaliseke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya, lize laneliswe izwe ngamasabatha alo sonke isikhathi liyincithakalo laligcina isabatha kuze kugcwaliswe iminyaka engamashumi ayisikhombisa.
Verse 22: Ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi yasePheresiya ukuba kufezeke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya uJehova wavusa umoya kaKoresi inkosi yasePheresiya ukuba amemezele embusweni wakhe wonke, alobe futhi ngokuthi:
Verse 23: “Usho kanje uKoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: ‘UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda. Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe, uNkulunkulu makabe naye, akhuphuke.’ ”