2 Chronicles - Chapter 33

Verse 1: UManase wayeneminyaka eyishumi nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nanhlanu eJerusalema.

Verse 2: Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

Verse 3: Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azidilizile; wamisela oBali ama-altare, wenza o-Ashera, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.

Verse 4: Wakha ama-altare endlini kaJehova, uJehova asho ngayo ukuthi: “Igama lami liyakuba khona eJerusalema kuze kube phakade.”

Verse 5: Wakhela nalo lonke ibandla lasezukwini ama-altare emagcekeni omabili endlu kaJehova.

Verse 6: Wadabulisa abantwana bakhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.

Verse 7: Wabeka umfanekiso obaziweyo wesithombe awenzileyo endlini kaNkulunkulu asho ngayo uNkulunkulu kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade;

Verse 8: futhi angisayikususa unyawo luka-Israyeli ezweni engilimisele oyihlo, uma beyakugcina kuphela ukwenza konke engibayale ngakho, wonke umthetho, nezimiso, nezahlulelo, ngesandla sikaMose.”

Verse 9: UManase wadukisa uJuda nabakhileyo eJerusalema, baze benza okubi kunabezizwe uJehova abachitha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

Verse 10: UJehova wakhuluma kuManase nakubantu bakhe, kepha kabalalelanga.

Verse 11: Ngalokho-ke uJehova wabehlisela izinduna zempi yenkosi yase-Asiriya; zambamba uManase ngamaketanga, zambopha ngawozankosi, zamuyisa eBabele.

Verse 12: Lapho esekuhluphekeni, wanxusa kuJehova uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wawoyise.

Verse 13: Wakhuleka kuye; wancengwa nguye, wezwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela eJerusalema embusweni wakhe. Wayesekwazi uManase ukuthi uJehova nguye onguNkulunkulu.

Verse 14: Emva kwalokho wakha ugange olungaphandle komuzi kaDavide ngasentshonalanga kwaseGihoni esigodini kuze kube sekungeneni kweSango Lezinhlanzi; walihaqa i-Ofeli, waliphakamisa kakhulu; wabeka izinduna ezinamandla emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda.

Verse 15: Wasusa onkulunkulu babezizwe nesithombe endlini kaJehova, nawo onke ama-altare ayewakhile entabeni yendlu kaJehova naseJerusalema, wakulahla ngaphandle komuzi.

Verse 16: Wakha i-altare likaJehova, wanikela phezu kwalo ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula neyokubonga, washo kuJuda ukuba bamkhonze uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

Verse 17: Nokho abantu babesahlaba ezindaweni eziphakemeyo, kodwa kuJehova uNkulunkulu wabo kuphela.

Verse 18: Ezinye izindaba zikaManase, nomkhuleko wakhe kuNkulunkulu wakhe, namazwi ababoni ababewakhuluma kuye egameni likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, bheka, kulotshiwe ezindabeni zamakhosi akwa-Israyeli.

Verse 19: Umkhuleko wakhe, nokunxuswa kukaNkulunkulu nguye, nazo zonke izono zakhe, nazo zonke iziphambeko zakhe, nezindawo akha kuzo izindawo eziphakemeyo, amisa kuzo o-Ashera nezithombe ezibaziweyo, engakazithobi, bheka, lokho kulotshiwe ezindabeni zikaHozayi.

Verse 20: UManase wayeselala koyise; bammbela endlini yakhe; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Verse 21: U-Amoni wayeneminyaka engamashumi amabili nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka emibili eJerusalema.

Verse 22: Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho enzile uManase uyise; u-Amoni wahlabela zonke izithombe ezibaziweyo ayezenzile uManase uyise, wazikhonza.

Verse 23: Akazithobanga phambi kukaJehova njengalokho ebezithobile uManase uyise kepha yena lowo Amoni wenza amacala akhe aba maningi.

Verse 24: Izinceku zakhe zamenzela ugobe, zambulala endlini yakhe.

Verse 25: Kepha abantu bezwe bababulala bonke ababeyenzele inkosi u-Amoni ugobe; abantu bezwe bambeka uJosiya indodana yakhe inkosi esikhundleni sakhe.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories