Verse 1: Sekuphelile konke lokho, u-Israyeli wonke owayekhona waphuma waya emizini yakwaJuda, waphula izinsika, wagawula o-Ashera, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-altare kwaJuda wonke, nakwaBenjamini, nakwa-Efrayimi, nakwaManase, waze waqeda konke. Base bebuyela bonke abantwana bakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.
Verse 2: UHezekiya wamisa izigaba zabapristi nezamaLevi ngezigaba zabo, kwaba yilowo nalowo njengenkonzo yakhe, abapristi namaLevi beminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba bakhonze, babonge, badumise emasangweni ekamu likaJehova,
Verse 3: nesabelo senkosi emfuyweni yayo ukuba sibe ngeseminikelo yokushiswa, eseminikelo yokushiswa yasekuseni neyakusihlwa, neseminikelo yokushiswa yamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi emisiweyo njengokulotshiweyo emthethweni kaJehova.
Verse 4: Washo kubantu abakhileyo eJerusalema ukuba banike abapristi namaLevi izabelo, ukuze babambelele emthethweni kaJehova.
Verse 5: Lanele ukusakazeka nje leli zwi, abantwana bakwa-Israyeli banikela kakhulu ngolibo lwamabele, nolwewayini, nolwamafutha, nolwezinyosi, nakuzo zonke izithelo zamasimu, baletha kakhulu okweshumi kwakho konke.
Verse 6: Abantwana bakwa-Israyeli nabakwaJuda ababehlala emizini yakwaJuda baletha nabo okweshumi kwezinkabi nezimvu nokweshumi kwezinto ezingcwele ezazingcweliselwe uJehova uNkulunkulu wabo, bakubeka izinqwaba ngezinqwaba.
Verse 7: Ngenyanga yesithathu baqala ukubeka izisekelo zezinqwaba, ngenyanga yesikhombisa baziqeda.
Verse 8: Lapho uHezekiya nezikhulu beza ukuzibona izinqwaba, bambonga uJehova nabantu bakhe u-Israyeli.
Verse 9: UHezekiya wababuza abapristi namaLevi ngezinqwaba.
Verse 10: U-Azariya umpristi omkhulu wendlu kaSadoki wathi: “Kusukela ekuqaleni kokulethwa kweminikelo endlini kaJehova sidlile sasutha, sashiya okuningi, ngokuba uJehova ubusisile abantu bakhe; okuseleyo yile ngcebo.”
Verse 11: Wayesesho uHezekiya ukuba kulungiswe amakamelo endlini kaJehova; bawalungisa-ke.
Verse 12: Base bengenisa iminikelo, nokweshumi, nezinto ezingcwele ngokuthembeka; uKhonaniya, umLevi, waba ngumphathi walokho; uShimeyi umfowabo waba ngowesibili.
Verse 13: OJehiyeli, no-Azaziya, noNahati, no-Asaheli, noJerimoti, noJozabadi, no-Eleyeli, noJisimakiya, noMahati, noBenaya babe ngababonisi phansi kwesandla sikaKhonaniya noShimeyi umfowabo ngesiyalezo sikaHezekiya inkosi no-Azariya umphathi wendlu kaNkulunkulu.
Verse 14: UKore, indodana kaJimna umLevi, umlindisango wasesangweni lasempumalanga, wayephethe iminikelo yesihle kaNkulunkulu ukuba abele iminikelo kaJehova nezinto ezingcwele.
Verse 15: Phansi kwakhe kwakungo-Edene, noMiniyamini, noJeshuwa, noShemaya, no-Amariya, noShekaniya emizini yabapristi ezikhundleni zabo ukuba babele abafowabo ngezigaba zabo abakhulu njengabancane,
Verse 16: ngaphandle kwabesilisa ababhaliweyo ngezizukulwane zabo, kusukela kwabaneminyaka emithathu kuya phezulu, bonke ababengena endlini kaJehova ngendaba yomsebenzi wabo wemihla ngemihla ngezimfanelo zabo nezigaba zabo;
Verse 17: abapristi babhalwa ngezindlu zawoyise, namaLevi abhalwa kusukela kwaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu ngezimfanelo zawo nezigaba zawo.
Verse 18: Babhalwa ngezizukulwane kanye nezingane zabo, nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo, isixuku sonke, ngokuba bazingcwelisa ngobungcwele ezikhundleni zabo.
Verse 19: Namadodana ka-Aroni, abapristi ababe semasimini amadlelo emizi yabo, imizi ngemizi, ayenamadoda abizwa ngegama ukuba anike bonke abesilisa babapristi nawo onke amaLevi abhaliweyo ngezizukulwane izabelo.
Verse 20: Wenze njalo uHezekiya kwaJuda wonke; wenza okuhle nokulungile nokuthembekile phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe.
Verse 21: Emisebenzini yonke ayiqalayo enkonzweni yendlu kaNkulunkulu, nasemthethweni, nasemiyalweni, ukuba afune uNkulunkulu wakhe, wakwenza ngayo yonke inhliziyo yakhe, waphumelela.