Verse 1: uma kukhona induduzo kuKristu, uma kukhona ukududuzeka kothando, uma kukhona inhlangano kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu,
Verse 2: gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe nomqondo munye, ninothando lunye, nibe nhliziyonye, niqonde into inye;
Verse 3: ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani,
Verse 4: yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.
Verse 5: Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu
Verse 6: owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu,
Verse 7: kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu;
Verse 8: wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.
Verse 9: Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke,
Verse 10: ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba,
Verse 11: nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.
Verse 12: Ngakho-ke, bathandiweyo bami, njengalokho nilalele ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela,
Verse 13: ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe.
Verse 14: Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi,
Verse 15: ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni,
Verse 16: nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize.
Verse 17: Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke;
Verse 18: ngokunjalo-ke thokozani nani, nithokoze kanye nami.
Verse 19: Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngename nxa sengazi izindaba zenu.
Verse 20: Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho;
Verse 21: ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu.
Verse 22: Kepha niyakwazi ukuthembeka kwakhe ukuthi ukhonzile kanye nami ngenxa yevangeli njengomntwana kuyise.
Verse 23: Yena-ke ngiyethemba ukumthuma masinyane, uma sengibonile ukuthi okuqondene nami kophelelaphi;
Verse 24: kepha ngiyethemba eNkosini ukuthi nami ngizakuza eduzane.
Verse 25: Kodwa ngibone ukuthi kudingekile ukuba ngithume kinina u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi nebutho kanye nami, nesithunywa senu, isikhonzi ekusweleni kwami,
Verse 26: lokhu wayenilangazelela nonke, eyaluza ngokuba nizwile ukuthi wayegula.
Verse 27: Ngokuba nempela wayegula ephansi kokufa; kepha uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, wangihawukela nami, ukuze ngingabi nalusizi phezu kosizi.
Verse 28: Ngalokho ngakhuthalela kakhulu ukumthuma, ukuze kuthi nxa senimbona futhi nithokoze, kimi kunciphe usizi.
Verse 29: Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza konke, abanjalo-ke nibaphathe ngokubatusa,
Verse 30: ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa ezidela amathambo, ukuze agcwalise okusileleyo ekungikhonzeni kwenu.