Verse 1: Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
Verse 2: “Ndodana yomuntu, profetha ngabaprofethi bakwa-Israyeli abaprofethayo, uthi kwabaprofetha okwenhliziyo yabo: ‘Zwanini izwi likaJehova.
Verse 3: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kubaprofethi abayiziwula, abalandela umoya wabo nabangakubonanga!
Verse 4: O Israyeli, abaprofethi bakho banjengezimpungushe ezindaweni ezichithekileyo.
Verse 5: Anenyukelanga ezikhaleni, anibiyelanga nokubiyela indlu yakwa-Israyeli ukuba ime ekulweni ngosuku lukaJehova.
Verse 6: Babonile okuyize nokubhula kwamanga abathi: “Kusho uJehova,” kepha uJehova kabathumanga, kodwa bethemba ukuthi ubeyakuqinisa izwi labo.
Verse 7: Anibonanga umbono oyize, anikhulumanga ukubhula kwamanga, lapho nithi: “Kusho uJehova,” mina ngingakhulumanga, na?
Verse 8: “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba nikhulumile okuyize, nibonile amanga, ngalokho bhekani, ngimelene nani, isho iNkosi uJehova.
Verse 9: Isandla sami siyakumelana nabaprofethi ababona okuyize nababhula amanga; abayikuba semkhandlwini wabantu bami, bangalotshwa encwadini yendlu yakwa-Israyeli, bangangeni ezweni lakwa-Israyeli, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.
Verse 10: “ ‘Ngokuba, yebo, ngokuba bedukisile abantu bami ngokuthi: “Ngukuthula,” kungekho ukuthula, nangokuba lapho kwakhiwa ugange, bheka, balunameka ngodaka olungavuthiwe,
Verse 11: yisho kwabanamekayo ukuthi luyakuwa; kuyakuwa imvula ekhukhulayo; nina matshe esichotho niyakuwa, nomoya wesivunguvungu uyakuludabula.
Verse 12: Bheka, lapho ugange seluwile, akuyikushiwo kini ukuthi: “Luphi udaka enanameka ngalo na?”
Verse 13: “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakuludabula ngomoya wesivunguvungu ngokufutheka kwami, kube yimvula ekhukhulayo ngentukuthelo yami, namatshe esichotho ngokufutheka ukuba aluqede.
Verse 14: Ngiyakulubhidliza ugange enalunameka ngodaka olungavuthiwe, ngiludilizele phansi, lunamathele emhlabathini, kwambulwe isisekelo salo; yebo, luyakuwa, nina niphele phakathi kwalo, nazi ukuthi nginguJehova.
Verse 15: Ngiyakufeza ukufutheka kwami ogangeni nakubo abalunameka ngodaka olungavuthiwe, ngithi kini: “Alusekho ugange, abasekho abalunamekayo,
Verse 16: abaprofethi bakwa-Israyeli abaprofetha ngeJerusalema, ababona imibono yokuthula ngalo, ukuthula kungekho, isho iNkosi uJehova.” ’
Verse 17: “Wena ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuwo amadodakazi abantu bakho aprofetha okwenhliziyo yawo, uprofethe ngawo,
Verse 18: uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kwabesifazane abathungela zonke izindololwane izicamelo, benze imigubuzelo yamakhanda ezimo zonke ukuba bazingele imiphefumulo. Niyakuzingela yini imiphefumulo yabantu bami, nisindise imiphefumulo yenu,
Verse 19: nina eningingcolisa phakathi kwabantu bami ngezinkweshe zebhali nangezingcezu zesinkwa ngokubulala imiphefumulo ebingayikufa nokusindisa imiphefumulo ebingayikuphila ngokuqamba kwenu amanga kubantu bami abalalela amanga, na?
Verse 20: “ ‘Qha! Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nezicamelo zenu enizingela ngazo lapha imiphefumulo njengezinyoni; ngiyakuzihlwitha ezingalweni zenu, ngivumele imiphefumulo ukuba ihambe, le miphefumulo eniyizingelayo njengezinyoni.
Verse 21: Ngiyakuklebhula nemigubuzelo yenu, ngibophule abantu bami esandleni senu, bangabe besababikho esandleni senu ukuba bazingelwe, nazi ukuthi nginguJehova.
Verse 22: Ngokuba nidabukisile inhliziyo yolungileyo ngamanga, engingamdabukisanga mina, naqinisa izandla zababi ukuba bangabuyi endleleni yabo embi, basindiswe,
Verse 23: ngalokho anisayikubona okuyize, ningabe nisabhula ukubhula; ngiyakubophula abantu bami esandleni senu, nazi ukuthi nginguJehova.’ ”